INDLULAMITHI yamakhosi, uMisuzulu kaZwelithini, iveze ukuthi isezinhlelweni zokuthi kuncishiswe izindawo ezidayisa uitshwala KwaZulu-Natal, njengoba zinomthelela ekutheni intsha ingaphumeleli futhi kube nezigameko zokudutshulwa kwabantu kuzo.
ONgangezwe lakhe ukusho lokhu ngesikhathi kunenkonzo akade emenywe kuyo yibandla eliholwa u-Apostole John noNkosikazi wakhe uPastor Ayanda Ngcebetsha, iSandton AOG House of Refuge.
Inkonzo bibanjelwe eGrace Family Church eMhlanga, ngoLwesihlanu ebusuku. Injongo yayo enkulu bekuwukwakha ubudlelwano neNdlunkulu kaZulu, umphakathi wase-KZN kuhlanganiswe nabefundisi bamabandla ehlukene.
Sikhuluma ngokuba khona kwaleli bandla, iSilo siveze ukuthi singumuntu okhulele emzini okholwayo futhi naso njengoba sisesihlalweni konke uma kwenzeka sikubhekisa kuNkulunkulu.
“Ngiyabonga kubaba uSbongiseni “Mageza” Mbambo okunguye owangitshela ngabafundisi abafuna ukungibona, kanti ilona leli bandla. Ngithokozile ukuba kule nkonzo namhlanje. Engikunxusayo kubefundisi ukuthi ake bakhulukele isifundazwe iKwaZulu-Natal kulezi zinsuku esihlaselwa yizinhlekelele ezehlukene zokushintshashintsha kwezulu. Angigcini ngalokho, ngifuna ke kusukunyelwe nendaba yokwanda kangaka kwezindawo ezidayisa utshwala. Uma ubheka yizona eziningi kakhulu kunamabandla. Ake kwande amabandla. Ngifuna ukuyisukumela indawo yezindawo ezidayisa utshwala ukuthi zivalwe. Izigameko zokudutshulwa kwabantu uma behlangene kulezi zindawo nazo ziyanda futhi uma zenzekile kushona abantu abaningi,” kuchaza uBayede.
Ongangezwe Lakhe uphinde waphawula ngomsindo wasendlunkulu mayelana nesihlalo. Uveze ukuthi umbonile uNkulunkulu emlwela, yena besingekho isidingo sokuthi alwe futhi bonke ababemlwisa ubabonile bewa phambi kwakhe.
“Ngesikhathi ngithatha isihlalo esigodlweni ngasho ngathi ngiyolihola ngeBhayibheli izwe likababa. Ngamcela uNkulunkulu ukuthi angene kimi ukuze kungakhulumi mina kodwa ngibatshele iqiniso abantu, angiyena umuntu ojwayele ukuqamba amanga."
ISilo siqhube ngokuthi: "Ngiyabonga ngokuthi abaleli bandla bafike kimi bezocela ukuthi bakhonze kulesi sifundazwe, ngibonga ukufika kwabo abefundisi kunabantu abahlale befika kimi bezofuna izimvume zokudayisa utshwala.”
Kule nkonzo kunandise uTimothy Myeni owaduma ehola iqembu Incandweni Christ Embassadors yaseSwatini, Khaya Sibanyoni noSiyakha Khitha.