INGONYAMA yaMabandla wonke uMisuzulu kaZwelithini, iyalele zonke izinduna emahostela ukuthi zibike uma kunemizamo yokudala uthuthuva emphakathini, lwenziwa abangayamukeli imiphumela yokhetho.
Isilo siyishayele ihlombe inhlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), ngokuqinisekisa nokuhlela ukhetho olukhululekile futhi olunemiphumela eyiqiniso.
“Isilo sincoma wonke amaqembu ezepolitiki ngendlela aziphathe ngayo enokuthula ngesikhathi kunkankaswa nangosuku lokuvota,” kusho uNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi esitatimendeni.
Isilo sinxuse abezomthetho ukuthi babhekane nabazama ukudala uthuthuva ngemuva kokhetho.
Sithe siyathemba ukuthi bonke abaholi bamaqembu bazozibophezela ekuhlonipheni imiphumela yokhetho futhi babambe iqhaza ekugqugquzeleni ukuthula nozinzo.
Imiphumela imenyezelwe eMidrand, ngeSonto ebusuku naphezu kwezikhalo zamaqembu.
I-MK namanye amaqembu angu-26 esewonke athumele i-IEC incwadi yabameli ebiyalela ukuthi ungaqhubeki umcimbi wokumenyezelwa kwemiphumela kuze kulungiswe izikhalazo.