ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siyaqhubeka nokwethemba obewundunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, njengoba simjube ukuba ahlele ukhukhulelangoqo wembizo kaZulu ezobhunga ngodaba lokuvalwa kwebhange Ithala kanye nombango wokulawula isikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.
IMbube ijube uButhelezi ukuba ahlele le mbizo ezokuba sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngoLwesihlanu.
Encwadini yeSilo ebhekiswe kuButhelezi ebonwe yiSolezwe, iMbube iveza ukuthi inethemba lokuthi imbizo izokuba impumelelo uma ihlelwa uButhelezi ngoba unamava kwezithinta ubuholi bomdabu.
Muva nje, iSilo siqoke uButhelezi ukuba ahole ithimba labaNtwana baseNdlunkulu namakhosi elibekelwe ukuba lilekelele uhulumeni waKwaZulu-Natal emizamweni yokulwa nokuvalwa kweThala.
UButhelezi uyaqhubeka nokubonakala emikhosini yesizwe eviliyela namabutho. Akakaqokwa undunankulu omusha.
Ukususwa kukaButhelezi kwesikandunankulu kaZulu kwamenyezelwa owayekhulumela iSilo ngaleloso sikhathi, uMntwana uSimphiwe Zulu, nokho uButhelezi uthi kuze kube manje iMbube ayikaze imtshele ngokususwa kwakhe esikhundleni.
UButhelezi uthe nangesikhathi kumenyezelwa ukuthi usekhishiwe esikhundleni, washo ukuthi uzolinda ukubhonga kweNgonyama.
“Ngachaza kwabezindaba ukuthi iSilo asikaze sisho lutho kumina, ngisaqhubeka la engangigcine khona. Ngisalinde iSilo ukuba kube yiso esishoyo. Kuze kube manje iSilo asikaze sisho lutho kumina, sisaqhubeka nokungithuma.”
Echaza ngembizo yangoLwesihlanu, uButhelezi uthe lena imbizo ebaluleke kakhulu esizweni.
Imbizo kaZulu yokugcina yayingo-2018, yayibizwe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukuba kubhungwe ngesiphakamiso sokuba kuhlakazwe iNgonyama Trust.
“Emva kweminyaka eyisikhombisa, iSilo esisesihlalweni sesiphinde sabiza enye imbizo ukuba sizobonisana namakhosi ukuthi kuyoze kube nini amakhosi elokhu encikiselelwa ngomhlaba kaZulu. ISilo sinxusa uZulu ukuba aphelele njengoba sizokhipha umhlahlandlela ngalolu daba.”
UButhelezi ukhale nangomthelela omubi odalwe isicelo sokuvalwa kwebhange Ithala.
Amakhasimende eThala angaphezu kuka-250 000, awakwazi ukukhipha nokufaka imali.
UButhelezi uthe abantu abaningi abashayekile abahlala ezindaweni zamakhosi.
“Abantu abakwazanga ukubuyisela izingane ezikoleni ngenxa yokuthi inkece yabo ivaleleke eThala. Osomabhizinisi abakwazi ukuqhubeka namabhizinisi abo njengoba bengakwazi ukuholela abasebenzi kanye nokuthenga izinto zokuhweba. Lesi simo siwulimazile kakhulu umnotho. Ingakho nje seseka imizamo kaNdunankulu wesifundazwe (uMnuz Thami Ntuli) yasenkantolo yokulwa nokuvalwa kweThala.”