ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithi sithi kungamampunge ukuthi kunokungezwani phakathi kwaso noNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
ISilo sithe le mibiko ethi asihoshelani noButhelezi ibhebhethekiswa abantu abafuna ukudala uqhekeko kuZulu.
Sikusho lokhu ngesikhathi sethula inkulumo esiyibhekise esizweni lapho besiphawula khona ngokuqokwa kwebhodi elisha leNgonyama Trust.
Kunamahlebezi athi ingxabano yeSilo noButhelezi isuswe ukuqokwa kweNkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela njengosihlalo omusha waleli bhodi.
Kunemibiko yokuthi uButhelezi akahambisani nalesi sinqumo. Kuthiwa indlela isimo esimuncu ngayo phakathi kweSilo noButhelezi sekuze kwaholela ekutheni uButhelezi anqabe ukusayina amaphepha asenkantolo ecala lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizongena ngesonto elizayo eNkantolo eNkulu ePitoli.
Sikhuluma izolo, iSilo siwachithile wonke la mahlebezi.
“Ngifuna ukukubeke kucace ukuthi imibiko yokuthi kunokungahoshelani phakathi kwami noButhelezi ingamampunge abhebhethekiswa ngabantu abafuna ukuhlukanisa phakathi uZulu.”
Enkulumeni yaso, iSilo siqale ngokubonga iqhaza elibanjwe uButhelezi neSilo esesabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ukuvikela umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
ISilo siqinisekise isizwe ukuthi umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust angeke udayiswe.
“Ningavumi ukudukiswa abantu abahambe beqamba amanga bethi umhlaba uzodayiswa. Laba bantu bafuna ukufeza izinhloso zabo. Umhlaba angeke udayiswe.”
Ibhodi elisha lihlanganisa amakhosi nabameli abaziwayo.
Phakathi kwamakhosi akuleli bhodi kukhona Inkosi Sibonelo Mkhize, Inkosi Mabudu Israel Tembe, neNkosi Phallang Bokang Molefe.
Phakathi kwabameli abayingxenye yebhodi kukhona ummeli wamalungelo abantu owaziwayo, u-Advocate Linda Zama, oqokwe njengephini likasihlalo webhodi.
ISilo sithe siyalethemba kakhulu leli bhodi.
“Ibhodi elisha kufanele lisheshise uhlelo lokuthi abantu abakhe ezindaweni ezingaphansi kweNgonyama Trust bahlomule ezimayinini namabhizinisi asebenzela ezindaweni zabo. Kufanele kusheshiswe uhlelo lokuthuthukiswa kwabantu abasha kwezolimo nakwezezimayini. Kuzokuba lula ukuthi ibhodi elisha likwazi ukuxhumana namakhosi ngoba kukhona amakhosi ayingxenye yalo.”
ISilo siphinde sabonga obengusihlalo webhodi, iJaji Jerome Ngwenya, esithe usebenze ngokuzikhandla ukwenza ngcono impilo yabantu ngesikhathi ephethe leli bhodi.
Kusasa, uButhelezi uzohlangana namakhosi lapho kuzobhungwa khona ngokuqokwa kwebhodi elisha.
Umhlangano kaButhelezi namakhosi ovalelekile uzokuba seMpangeni.