ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini sesinxuse uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal ukuthi usheshise uhlelo lokuphakela abantu ngamanzi okunisela ukuze kusizakale abalimi abahlale benenkinga yesivuno esingekho ezingeni ngenxa yokuntuleka kwamanzi.
UNgangezwe Lakhe ukusho lokhu ngesikhathi ehanjelwe uNgqongqoshe walo mnyango uNkk Bongiwe Sithole-Moloi esigodlweni sakhe kwaLinduzulu, KwaNongoma.
Ngesikhathi ungqongqoshe ehambele Isilo siveze ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokuthi kusizwe imiphakathi ngohlelo lokunisela izitshalo, ikakhulukazi labo abathembele ekulimeni ukuze baphile nabakade bekhungethwe isomiso.
Isilo sithe kumele kumbiwe amadamu kwakhiwe nezigwedlo kwezinye izinto ezingenziwa ukuze kongiwe amanzi futhi kuphakelwe imfuyo amanzi ahlanzekile kuniselwe nezitshalo.
Ukuze kubhekwane nale nkinga nezinye izingqinamba, ungqongqoshe ubikele iSilo ngezinhlelo zomnyango zokulwa nenkinga yokuntuleka kwamanzi asetshenziselwa ezolimo.
Uthe umnyango unezinhlelo zokuthuthukisa izindawo zasemakhaya esifundazweni kanti seluvele luphothuliwe uhlelo lokunisela eHlathinkulu, Tugela, Indumo naseNsuze. Kulo nyaka isabelomali somnyango esethulwe ngungqongqoshe singuR2,4 billion.