KULALWE ngeSonto abemithombio yezindaba beshayisana ngamakhanda ngendaba ebukeka iwukumbiswa iqanda lenjelwane ngencwadi okuthiwa ikhishwe yiSilo sihoxisa umgcagco nengoduso yaso uMaMyeni.
Izolo iMbube, noNdlunkulu uNomzamo Myeni bathe luzokhuphuka udwendwe ngeSonto njengokohlelo olwamenyezelwa.
ISilo nengoduso uMaMyeni bathe bazihlalele eSigodlweni eMashobeni. UMaMyeni uphinde waveza nokuthi akazi lutho ngokuhoxiswa kwabaqaphi bakhe nemihlomulo ayithola kuhulumeni.
IMbube noNdlunkulu uMaMyeni basho kanjena nje, ngempelasonto kuputshuke incwadi okuthiwa isayinwe oNgangezwe, eveza ukuthi umgcagco usuhoxisiwe.
“Incwadi yeMbube“ ebhekiswe kuMqondisi Jikelele eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize, ithe iNdlunkulu kaZulu ithathe isinqumo sokuhoxisa umgcagco ngenxa yezizathu ezingaphezu kwamandla.
Kule ncwadi iMbube iyalela uDkt Mkhize ukuba enze isiqiniseko sokuthi kuhoxiswa bonke abaqaphi nemihlomulo etholwa uNdlunkulu uMaMyeni.
Engxoxweni yocingo, iMbube ivele yaphela yinsini uma ibuzwa ngokuhoxiswa komgcagco, yathi ziyawushaya ngeSonto.
“Engingakusho nje ukuthi ngiyamthanda umkami futhi ngizomshada ngenkani.”
IMbube ithe kuzokuba nomhlangano waseNdlunkulu, yathi bazolandelela nokuthi lezi zincwadi ziqhamuka kuphi.
Eshaya ngezimfishane, uNdlunkulu uMaMyeni uthe: “Ngizihlalele nomyeni wami (iSilo) lapho sihlala khona, okunye angikwazi.”
UNdlunkulu uMaMyeni ukhuluma kanjena nje, Isolezwe lithole ukuthi abakwaMyeni bamatasa namalungiselelo odwendwe.
Kuzoqala umkhehlo ngoLwesihlanu, kwaMyeni, eJozini, bese kuba umgcagco ngeSonto, esigodlweni KwaKhangelamankengane.
Umthombo okhulume neSolezwe uthe abakwaMyeni bamatasa namalungiselelo omkhehlo.
Okhulumela iHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina, uthe bebengakayitholi incwadi eyalela ukuba kuhoxiswe imihlomulo etholwa uNdlunkulu uMaMyeni.
Indaba yomgcagco iphenduka indida nje kuvele kukhona isicelo sokuba umiswe. UNdlunkulu uKaMayisela ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ekhala ngokuthi iSilo asikwazi ukuthatha omunye uNdlunkulu ngoba sashada umshado omhlophe ngo-2021.
Isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela sizolalelwa namhlanje.
Ummeli kaNdlunkulu uKaMayisela, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, uthe bazoqhubeka nesicelo sabo abasifake enkantolo namhlanje.
Phezu kwencwadi ehoxisa umgcagco, kuphinde futhi kube nencwadi exosha okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, waKwaMinyamanzi.
Incwadi ebonwe yiSolezwe ixosha uMntwana uSimphiwe ekukhulumeleni iSilo kanye nasekumeleni iMbube endlini yobuholi bomdabu.
Kule ncwadi iMbube ikhale ngokuthi uMntwana uSimphiwe akatholakali uma abezindaba befuna ukuphawula kwakhe.
Ithe miningi imbiko ebucayi eshicilelwe abezindaba lapho khona uMntwana uSimphiwe engazange atholakale ukuba aphawule.
Imizamo yokuthola uMntwana uSimphiwe ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Abasendlunkulu bathe abasazi ukuthi babambe kuphi.
Owasendlunkulu ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe nabo abazi ukuthi ikhona kuyikuphi okuyiqiniso.
“Namhlanje sivuka ngokunye, kusasa sitshelwe okunye.”
Lo mthombo uthe izinto zoniwa kakhulu yilabo ababanga ukusondela eduze kweSilo.
“Kukhona uhlangothi olufuna ukusondela eduze kweSilo, olungamfuni uMdolomba (uNdlunkulu uMaMyeni), kube khona uhlangothi oluhambisana noMdolomba. Lezi zinhlangothi ziyalwa, hhayi kancane. Kukhona abaziyo ukuthi uma umgcagco ungase uqhubeke, kuyokube kuphelile ngabo. Nalabo abahambisana noMdolomba bayazi ukuthi uma ungase ungaqhubeki umgcagco, kuyokube kuphelile ngabo.”