ISILO samabandla siphosele uMnyango wezeMfundo
KwaZulu-Natal inselelo ngemiphumela ka-matric.
Sithe sifuna ukubona lesi sifundazwe siqwaqwada ezinye izifundazwe amakhanda ngemfundo.
Imbube ibithula inkulumo emcimbini wokwemukela abafana abebebuya ukuyosokwa obusezinkundleni zemidlalo, eShayamoya, eKokstad ngoLwesihlanu.
Ilibeke ngembaba elokuthi nakuba lenyukile izinga lokuphasa esifundazweni kodwa kusafanele kunyuswe amasokisi.
“Siyabonga ukunyuka kwemiphumela kodwa mina ngibona sengathi kuncane kakhulu lokhu esikutholile. Sinomthwalo wokubhukula sithi ukwenyusa futhi,” kusho Isilo.
Sithe sifuna okungenani * -90% futhi kufanele sizedlule nalezi zifundazwe ezenze kahle.
“Uma sibambisene, silalelana nithatha nalezi ziyalo zami, noma kanjani singakwenza lokhu kube yimpumelelo.”
Sithe kulesi sifundazwe kufanele kuphume odokotela, othisha nochwepheshe bemikhakha eyehlukene. Inkulumo yeSilo ibinanelwa wumkikizo namakhwela, amabutho elokhu ekhuleke njalo ekhombisa ukuyithakasela.
Yize ibiyidliva imvula kodwa abantu bebephume ngobuningi. Okugqamile kulo mcimbi wukuhlangana kwezizwe ezehlukene njengoba abantu bakule ndawo bekhuluma futhi begqoka ngokwamasiko ehlukene okubalwa amaZulu, amaXhosa nabeSutho.
IPhini lakaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Obed Bapela, lithe lize kulo mcimbi ukuzoncela ulwazi.
“Ngifisa ningifundise ngemfihlo yenu yokuthi kungafi noyedwa uma kusokwa abafana,” kusho uBapela.
Uthe ukhathazekile ngezifundazwe okufa kuzo abasokwayo, ngakho ufisa bathole ulwazi lokuthi lesi sifundazwe sikugwema kanjani lokhu. Imeya yaseHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe, ibonge ukunyathela kweSilo kuleya ndawo yathi ifike nemvula into abangasayazi njengoba kubhoke isomiso.
“Lokhu kuwuphawu lokuxhumana phakathi kukuNkulunkulu nomuntu, siyabonga ngemvula Ngangezwe Lakhe, siyazi ukuthi lomisile, wemukelekile vele awudinge kwemukelwa ezweni lakho,” kusho uNdobe.
Isilo besihambisana noNdlunkulu ukaMathe, UMtwana uNhlanganiso nabanye abavela eNdlunkulu kaZulu.