BATHWALE izandla emakhanda, babalisa abebejutshwe yiqembu i-MK ePhalamende, okumanje banikwe izincwadi ezibaxoshayo ngemuva kwenyanga eyodwa befudukele eKapa.
Amalungu angamanye awu-18 i-MK eqinisekise ukuthi iwasusile ePhalamende, athi ebese efudukile benzela ukusondezela umsebenzi omusha. Abanye bese beyekise amakhosikazi imisebenzi, bayekisa izingane ezikoleni nabo besula emisebenzini abebeyenza njengoba bebazi ukuthi bayogxila eKapa, ePhalamende.
Bakhala ngabathile kuleli qembu abaxovayo, ababakhiphe ngoba befuna ukufaka izintombi zabo, izihlobo kanjalo nabangani babo.
Ayisalanga ngaphandle nendodakazi yomholi waleli qembu uMnuz Jacob Zuma, uNksz Duduzile Zuma-Sambudla, abayikhomba ngenjumbane ukuthi ibhokile ekubulaleni leli qembu abalithandayo.
Abanye bebengothisha, abefundisi, ababesebenza eminyangweni kahulumeni ehlukene kanti abanye abaholi bomdabu.
Okubakhalisa kakhulu ngukuthi bese bethenge izimoto, bathuthela eKapa nemindeni yabo, okuyizingane kanjalo naphathina babo ababayekise nemisebenzi yabo ukuze bayoqala kabusha impilo eKapa lodumo.
Leli qembu limemezele ukuthi lihoxise amalungu angu-18 ePhalamende. La malungu lithe angu-12 awo ayevele azi ukuthi azodeda inkundla emuva kokufungiswa kodwa akhetha ukuqhubeka. Ayisithupha ayengekho ngesikhathi kufungiswa ngenxa yokungaphatheki kahle nangezinye izizathu.
Omunye wabaxoshiwe osuka KwaZulu-Natal okhulume neSolezwe wacela ukungavezwa, uthe ibuhlungu into ebehlele wathi akayifiseli ngisho isitha sakhe.
Uveze ukuthi izindaba zokuxoshwa kwabo zibafikele besemaqeleni lapho bejutshwe khona ezifundazweni ezehlukene.
“Siqale ukubona ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sixoshiwe. Incwadi ifike ngo-Agasti 7, isuka ePhalamende iveza ukuthi iqembu lithi selihoxise ubulungu bethu. Asikaze sizwe lutho evela eqenjini mayelana nalokhu kuhoxiswa kobulungu. Sithuke soma nesixoshwe nabo ngoba besimatasa sijutshwe kwezinye izifundazwe, senza umsebenzi weqembu.”
Ukhale ngokuthi usule lapho ebesebenza khona ngoba eseyosebenza ngokugcwele eKapa.
“Amanga ukuthi kukhona umuntu owavuma ukufungiswa ebe azi ukuthi uzokhishwa emuva kwenyanga. Abaxova iqembu bafuna ukufaka izintombi zabo, abangani, imindeni yabo kanjalo nezihlobo zabo. Okubuhlungu ngukuthi bayalixova iqembu. Sikhulu isililo, yimbi le nto eyenziwe kubantu nguMkhonto,” kubalisa oxoshiwe.
Omunye wabaxoshiwe naye ongeke avezwe, ukhale ngokuthi indodakazi kaZuma iyona eshaya amaphiko.
“Iyona efaka abangani bayo ezikhundleni ezishiywe yithina. UZuma zinhlanu izikhundla abefuna ukufaka abantu azogadla ngabo abafana noBrian Molefe, Papa Penny, Lucky Montana nabanye. Siwusebenzele uMkhonto kusuka nyakenye wabunjwa. Besikhankasa ngemali yethu, sehla senyuka kuyona yonke imikhankaso kodwa manje sesikhishwa okwezinja.”
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu abaxhumanisi nabagqugquzeli be-MK eKZN bayile kuZuma eNkandla, lapho behlale khona kwaze kwahlwa, bemkhalela ngezinto eziningi ezingahambi kahle eqenjini.
“Wabikelwa ngezinkinga zokungabi khona kwezinhlaka ezikhethwe ngokusemthethweni ezenza kube nabazenzela umathanda eqenjini. Ubikelwe nangendodakazi yakhe ebulala iqembu. Sekucacile ukuthi uma ngase iNkosi imkhumbule, i-MK kuyophela ngayo iyofana ne-NFP ne-Cope. Abantu bayayithanda i-MK kodwa uma izinto zenzeka kanje, bazoyiduba.”
Abaxoshiwe bathe bazolinda iPhalamende lize libaxoshe.
“Okwamanje sisathole izincwadi zasePhalamende, elithe asixazulule le nkinga eqenjini noma siye enkantolo. Asikafiki odabeni lokuya enkantolo ngoba sisafuna ukubonana nobaba (Zuma), simbikele. Uma uzama ukuya eNkandla uyavalelwa ngaphandle, kungasa ungangenanga wabonana nomengameli. Asifuni ukuxova iqembu ngoba siyalithanda futhi asingenanga ngopotsho noma ngomkhoshosho ngoba amagama ethu afakwa ohlwini ngendlela eqondile.”
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, esitatimendini uthe lizoqhubeka lusefe ulwandle kwabangena ngomkhoshosho ohlwini lwasePhalamende futhi abahlonizi ngokubakhomba indlela.