PHEZU kokuba siluliwe isikhathi sokushintshwa kwamakhadi ayigolide akwa-Sassa okuhola impesheni kuze kube yinyanga ezayo, kodwa kusenokukhala ngokuthi sincane lesi sikhathi esibekiwe sokuwashintsha.
La makhadi bekumele ashintshwe ungakadluli umnqamulajuqu uFebhuwari 28, 2025, kodwa ngenxa yengcindezi yezinhlaka ezehlukene ebezibhekene noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, salulwa isikhathi kuze kube nguMashi 20, nonyaka.
Ikomiti lasePhalamende likwamukele ukululwa kwesikhathi kodwa lathi kumele kube nohlelo olucacile oluzosetshenziswa ukuvuselela amakhadi.
Usihlalo wekomiti, uNksz Bridget Masango, uthe ukululwa kwesikhathi ngaphandle kohlelo olucacile, kuzodala ukutatazela kulabo okumele bashintshe amakhadi.
“ISassa kumele ihambele izindawo zabahlala abadala, abakhubazekile kanjalo nalabo okunzima ukuthi bafinyelele lapho kushintshwa khona amakhadi, ukuze ibasizele kulezi zikhungo. Kunezikhalazo ngokushoda kwezikhungo zokushintsha amakhadi,” kusho uNksz Masango.
Uthe bekuminyene ezindaweni eziningi ebekushintshwa kuzona amakhadi kusuka ngeledlule.
“Abantu abadala bebebambe olayini abade, abanye bajikiswa ngoba kuthiwa kwamukelwa isibalo esithile. Kumele iminyango kahulumeni esekhaleni lalo mshikashika wamakhadi iqinisekise ukuthi lolu hlelo alunyatheli amalungelo abantu,” usho kanje.
UNksz Alexandra Abrahams we-DA, uthe noma isikhathi seseluliwe kodwa kasenele.
“Sincane kakhulu lesi sikhathi kanti kuzoshiya abantu abaningi bengaholile ngenxa yokuthi amakhadi abo azovaleka, angabe esasebenza ngemuva komnqamulajuqu wangenyanga ezayo. Izinkumbi zabantu zithembele ekukhipheni imali kanti ukungabi nabasebenzi abenele ababhekele lolu hlelo, luzokwenza inqwaba idikibale ukushintsha amakhadi,” usho kanje.
Ukhale nangokuthi zincane izikhungo zePosi ezweni ngenxa yokuthi eziningi zazo zavalwa.
“ISassa ihluleke yancama ukuhlela izinto zayo. Kumele ngabe iqale yabhekana nezinkinga zokuvalwa kweposi ngaphambi kokwenza lolu hlelo.”
Uhlabe ikhwelo lokuthi iSassa ilule isikhathi sokushintshwa kwamakhadi kuze kube wonke umuntu uselishintshile.
Isitatimende esihlanganyelwe sikaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Nokuzola Tolashe, nozakwabo wezokuXhumana uMnuz Solly Malatsi, sithe bazizwile izikhalazo zomphakathi banquma ukulula isikhathi sokushintshwa kwamakhadi.
“Sethemba ukuthi lesi sikhathi sizokwenza abakhalazayo bakwazi ukuyoshintsha amakhadi abo. Abantu bazoqhubeka nokuthola imali yabo nangemuva kokaMashi 20, kodwa uma amakhadi bengakawashintshi, kuyodingeka ukuthi bavakashele ePosini lapho beyothola khona imali yabo,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi kuzothunyelwa amahhovisi angomahamba nendlwana emakhaya ukusiza abantu.
“Amakhadi ayigolide akwaSassa, ayoma ukusebenza ngoMashi 20. Ngemuva kwalolu suku, abantu bazoqhubeka bafake izicelo zokuthola amakhadi amasha amnyama.”
Umphakathi uyalelwe ukuthi uye ezitolo ezinkulu zokudla lapho uhola khona uyoshintsha amakhadi.