ULAXAZE isikhundla oyisihlobo sowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngemva kokusolwa ngokushendeza neMK ekubeni eyikhansela le-ANC.
UMnuz Malunga Sabelo, usulile ekubeni yikhansela kuMasipala iRay Nkonyeni, ngemva kwamahlebezi okuthi uhamba imihlangano yeMK.
Kuthiwa bese kunesikhathi eside uSabelo ehlezi ngesinqe esisodwa esikhundleni sakhe. Kuthiwa okumqhathe kakhulu nobuholi be-ANC, ukuvakashelwa kwakhe nguZuma, okwenzeke ngasekuqaleni kwenyanga.
Ekhuluma neSolezwe, uSabelo uthe usule ngemva kokuqonga kwezinkulumo ezithi uzoxoshwa.
USabelo uphawule kanje:“Ngaqale ngezwa izindaba zokuthi kunobuholi obebuhlangane bodwa, bukhuluma indaba yokuthi ngizoxoshwa ngoba ngizalana, noma ngihlobene noZuma. Ithe uma indaba isiningi kakhulu, ngabe sengizama ukubikela abanye abaholi. Ngangikhala ngokuthi akungakhulunywa ngegama lami ngingekho, angibizwe nami ngizoziphendulela. Nokho abazange bangibize. Nami ngigcine sengizibona ngingaphephile.”
USabelo bahlobene kabili noZuma, ngezibongo uMavundla noMzobe. Ukuphikile ukuthi uhamba imihlangano yeMK, wathi ukuvakasha kukaZuma emzini wakhe kwakungahlangene nepolitiki.
Echaza ngokuvakashelwa nguZuma uthe:“Ubevakashe elandela indaba yobuhlobo. Kwakuyinto yomndeni. Wafika emzini wami, sabe sesidlulela enkosini yakwaMavundla, lapho kusuka khona ubuhlobo bethu.”
USabelo uthe ngeke avume ukuthi kube nabantu abazomkhethela ukuthi axhumane naziphi izihlobo zakhe.
“Ngeke ngivume ukushayelwa umthetho yibona. Akufanele basole mina, ngoba nami angizikhethelanga ukuhlobana noZuma. Kufanele basole uNkulunkulu ngoba uyena okhethayo ukuthi ngubani uzohlobana nobani.”
USabelo uthe ubevele engahleli kahle ebukhanseleni.
“Ngike ngazama ukwesula esikhundleni ingakabi khona iMK ngenxa yokuthi kwakukhona izinto engangikhala ngazo. Ubuholi besifunda bathi angingasuli, bathi bazozilungisa izinto engangikhala ngazo. Abazange bazilungise lezo zinto.”
USabelo uthe ngeke ashiye kwi-ANC.
Unobhala we-ANC esifundeni iTolomane Mnyayiza, uMnuz Xolani Luthuli, uthe uSabelo usule ngemva kokubanjwa esemhlanganweni weMK.
“Ubevele azi ukuthi uzoxoshwa ngoba bese kunezithombe zakhe esemihlanganweni yeMK. Abantu bebelokhu besho ukuthi lo muntu usebenzela iMK. Usemane uyayisho nje leyo buhlobo noZuma kodwa iqiniso lithi uke wazama ukwesula ngaphambilini.”
Ukwesula kukaSabelo kusho ukuthi kuzokuba nokhetho lokuchibiyela kuWard 14. I-ANC ijwayele ukungenzi kahle okhethweni lokuchibiyela KwaZulu-Natal.
ULuthuli uthe balulindele ukhetho lokuchibiyela.