Ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ejele noma inhlawulo kaR6 000 owesilisa waseMozambique owaboshwa ekuqaleni kwenyanga eKomatipoort efaka ngokungemthetho kuleli izingane zangakubo ezingu-14 ezineminyaka ephakathi kuka-4 no-16.
UMoises Armando Mate (32), ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yaseKomatipoort, eMpumalanga, ngoLwesihlanu. Isigwebo sakhe silengiselwe iminyaka emithathu ngombandela wokuthi angenzi icala elifanayo futhi angatholakali esiza abantu ukuthi bangene, bahlale noma baphume ngokumthetho.
Okhulumela oKlebe eMpumalanga, uLieutenant Colonel Magonseni Nkosi, esitatimendeni uthe ngokwemininingwane amalungu eBorder Management Authority amisa itekisi ayeyigcwele izingane ezingu-14 eduze kwegaraji likaphethroli kuN4.
UMate nalamantombazane badluliselwa emaphoyiseni aseKomatipoort lapho kwavulwa khona icala lokusiza ukufaka abantu ngokumthetho kuleli.
“Abagilwa badluliselwa eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuze beyohlolwa ngaphambi kokubuyiselwa ezweni labo,” kusho uNkosi.
Uthe icala ladluliselwa koKlebe ukuze baphenye.
UMate wavela eNkantolo izikhawu ngaphambi kokuvuma icala wagwetshwa ngoLwesihlanu.
INhloko yoKlebe eMpumalanga uMajor General Nico Gerber, isamukelile isigwebo yathi ukusiza abantu ukuthi bangene, bahlale noma bahambe kuleli ngokungemthetho, kuwukwedelela umthetho.