UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi asiqaphile isimo amathimba ezinhlekelele kulandela ukukhishwa kwesexwayiso sezulu elibi ngabeSouth African Weather Service (SAWS).
UZikalala uthe isimo sezulu esibi silokhu siqhubeke njalo ezingxenyeni eziningi esifundazweni.
“Njengomnyango, sesiyalele amathimba ethu abhekana nezinhlekelele ukuthi ahlale eqaphile kanti siwayalele ukuthi abheke izindawo ezahlukene esifundazweni ezikhonjwe isexwayiso ukuthi zingase zibhekane nobungozi,” kusho uZikalala.
Phakathi kwezindawo okubalwe ukuthi zizokhahlamezeka isimo sezulu esibi: Abaqulusi, Indaka, Mnambithi, Hlabisa, Hluhluwe, Dannhauser, Underberg, Dumbe, Madlangeni, Ndumeni, Thekwini, Kokstad, Mpendle, Ingwe, Estcourt, Sobabili, Jozini, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana Giants Castle, Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, Ndwedwe neNewcastle.
Uthe izimo zezulu ziletha ubungozi obukhulu empilweni yabantu ngakho bayacelwa ukuthi nabo baqaphele izikhukhula ezingadalwa yimvula enamandla.
“Siyayinxusa imiphakathi ukuthi isithathele phezulu isexwayiso ikakhulukazi labo abeqa imifula nezindlela zezinyawo ezigcwala amanzi uma kunile,” kusho uZikalala.
Uphinde wadonsa ngendlebe abashayeli bezimoto ukuthi bangahambi ngesivinini esiphezulu emgwaqweni baphinde baqaphele imigwaqo eshelelayo njengoba liqhubeka nokuna.
Kukhishwa lesi sexwayiso nje, ku-ward 9 eMtubatuba, sekuvele kukhona izindawo ezikhahlanyezwe yisiphepho ngempelasonto.
Usihlalo we-ANC kule-ward okuthiwa kwesule kuyo ikhansela, uMnuz Bonginkosi Sibiya, uthe baphansi phezulu namathimba ezinhlekelele kamasipala, bahlola umonakalo ewenzeke ngoMgqibelo.
“Baningi abadilikelwe yizindlu zabo, ezinye zaphephukelwa kuphahla okumanje sihambe siqoqa ulwazi lwabo namathimba ezinhlekelele kamasipala,” kusho uSibiya.
Uthi yize kungekho sigameko lapho kufe khona abantu ngenxa yesiphepho kodwa bakhona abalele ezibhedlela athi balinyazwa umphezulu.
Ubuye waveza nokuthi kukhona imfuyo efile, nayo elinyazwe yiwo umphezulu.