IMeya kaMasipala weTheku, uCyril Xaba, isinxuse abantu ukuthi basebenzise iziqhumane ngokucophelela uma sebejabulela ukuwelela onyakeni ozayo.
UXaba uthe abantu kumele bahloniphe imithetho yedolobha.
“Yize idolobha libuncoma ubuhle nenjabulo ehambisana neziqhumane uma kujatshulelwa unyaka omusha kodwa kunobungozi obuhambisana nokusetshenziswa kwazo. Iziqhumane zingalimaza imizi futhi zibe nobungozi ezinganeni nezilwane uma zingasetshenziswa ngendlela,” kusho uXaba.
UXaba uthe weneme ngendlela izivakashi ezitheleka ngayo kuleli dolobha, wathi unethemba lokuthi izindawo zokulala zizogcwala ngaphezu kuka-75%, oqaguliwe ngalesi sikhathi sehlobo.
Uqhube wathi abezokuphepha emabhishi bazobe beqaphe isimo ngemuva kwesexwayiso seNational Sea Rescue, mayelana namagagasi azobe eshaya ngamandla esondele ngasesihlabathini.
Unxuse ababhukudi ukuthi babhukude ezindaweni ezigunyaziwe futhi babe lapho kunamafulegi abaqaphi khona.
Amabhishi azovulwa ngo-6 ekuseni kuya ku-6.30 ntambama zinsuku zonke.
“Hlala niphephile futhi nijabule ngokuzinakekela njengoba nizobe ninesikhathi eningeke nisikhohlwe nemindeni nabangani edolobheni lethu elihle. Asigubhe ngokujabula, uthando nangobubele,” kusho uXaba.
Imicimbi elindelekile kusuka namhlanje kubalwa kuyo i-Fact Durban Rocks, Mayine Crossover Gospel Concert, Woz’eDurban Picnic, Umgababa New Year’s Picnic, Saso’s House neminye.