SIMPHIWE NGUBANE
ITSHE limi ngothi kubanikazi bamajoyinti angekho emthethweni asebenqunyelwe ugwayi katiki ukuthi abawabhalise ngokuse-mthethweni uma behluleka wukwenza lokho bawavale ngokushesha ngoba uyaqala umshikashika wokubafuna.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal uMnuz Mike Mabuyakhulu emhlanganweni obuyizolo e-ICC eThekwini lapho bekwethulwa khona isonto lokugqugquzela abantu ukuba bangabulokothi utshwala iSobriety Week.
Sekungunyaka wesibili lolu hlelo lwaqalwa ngenhloso yokunxusa abantu ukuba behlise ophuzweni oludakayo kuthi labo abangaphuzi bangaqali nhlobo ukufaka utshwala emlomeni.
Kuphinde kwethulwa uhlaka olusha iLiqour Authority oluzobhekana nabafaka izicelo zokuthola amalayisensi okudayisa utshwala nokubudayisa futhi luqinise amaxhama ezokuxhumana nomphakathi nawo onezwi ngomuntu okumele anikwe ilayisensi yokudayisa utshwala.
UMabuyakhulu uthe le mboni ingenisa emnothweni wezwe imali ebalelwa ku-R94.2 billion ngonyaka kodwa ibuye idle uhulumeni ingxenye yale mali ngenxa yezingozi zomgwaqo nezigameko zodlame zabantu abasuke belimale sebephuzile.
Uthe siyethusa isibalo esiphezulu sabantu abadayisa utshwala ngokungemthetho ngoba benza lokhu ngaphandle kolwazi lokuqhuba leli bhizinisi. Zingu-10 309 kuphela izindawo ezibhalisiwe esifundazweni kanti babalelwa ku-56 000 abadayisi botshwala abanamalayisensi ezweni lonke.
“Nosomabhizinsi abanamalayisensi abaqinisekise ukuthi abamdayiseli owesifazane ozithwele utshwala, ingane kanjalo nomutu osephuze ngokweqile ngoba lokhu kuphula umthetho wokudayiswa kotshwala.”
“Yize imboni yotshwala ilekelela ekufukulweni komnotho wezwe kodwa akungatshwaza ukuthi inesandla esibalweni esiphezulu sobugebengu, ububha, izifo ezithelelanayo nokubhidlika kwemindeni,” kusho uMabuyakhulu.
USihlalo we-KZN Liquor Forum uMnuz Sipho Nembula uthe umthetho awube bukhali nxazonke ngokuthi baboshwe labo bantu abathumela izingane emajoyintini ukuthi ziyobathengela utshwala. Uthe nazo izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 azijeziswe ngomthetho uma zithenga utshwala.
“Sekuphele iminyaka engu-50 abantu abamnyama bavunyelwa ukuba bangene ezindaweni ezidayisa utshwala eNingizimu Afrika kodwa asazi ukuthi lokhu kwakuyinto elungile yini uma ubheka indlela isimo esimuncu ngayo. Siphezulu kanjena nje isibalo sabahlukanisa imishado nabalahlekelwa yimisebenzi, utshwala bunesandla kulokho. Buphinde bukhubaze imithambo yengqondo entsheni, budale izingozi futhi bandise isibalo sentsha engenanhlonipho,” usho kanje.
Namhlanje kuqala uchungechunge lwemihlangano yalo Mnyango kanti nabafundi kuso sonke isifundazwe belulekwa ngobungozi bokuphuza utshwala.