ISEKUNJALO Investment Holdings (SIH) isigxeke i-Public Investment Corporation (PIC) ngokwenza izitatimende eziwubudedengu. Ngeledlule iPIC yathi icabanga ukufaka isicelo sokudayisa izimpahla zale nkampani ukuze ikhokhe izikweletu ze-Independent News & Media SA okungenye yezinkampani ezingaphansi kweSIH.
I-Independent News & Media SA ingabanikazi bephephandaba Isolezwe, The Mercury, Daily News, The Star, Cape Times, i-website i-IOL namanye amaziko ezindaba.
Isitatimende esikhishwe yiSIH izolo sithe lokhu okwashiwo yiPIC kungamanga futhi akukho emthethweni.
“ISekunjalo Independent Media (SIM) ne-Independent News & Media SA eyaziwa nge-Independent Newspapers yizona zinkampani ezinesivumelwano nePIC hhayi iSIH. I-PIC iyawazi kahle umehluko phakathi kweSIH neSIM kodwa yenza sengathi ayikwazi lokhu ukuze kube sengathi yinto eyodwa. Lezi zitatimende zePIC azibona ubudedengu kuphela kodwa zibonakala ziqonde ukudala umonakalo ngamabomu kwiSIH,” kusho uDkt Iqbal Survé onguSihlalo weSIH.
Uqhube wathi: “Ngebhadi amanye amaziko ezindaba ayawabhebhethekisa la manga ngaphandle kokubhekisisa iqiniso.
"I-SIH isikhiphe izitatimende eziningi izama ukucacisa iqiniso futhi icela ukuthi lezi zitatimende ezingamanga zihoxiswe.
"I-SIH isalinde ukuthi iPIC icacise ngokushesha lezi zitatimende zayo.”
USurvé ugcizelele ukuthi i-SIH ayiyikweleti lutho iPIC futhi ayisona isibambiso sesikweletu sePIC.
Uthe bangathokoza uma iPIC ingagxila ekuqikeleleni ekutheni ivikela imali yekhasimende layo, iGEPF, okuyisikhwama sempesheni sabasebenzi bakahulumeni kanjalo nabanye abanikazi bamasheya.
“Sithanda ukugcizelela ukuthi ngokwenza lezi zitatimende eziwubudedengu, iPIC ibeka engcupheni imali etshalwe yiGEPF. Siyayinxusa iPIC ukuthi ixoxe nezinkampani zethu ukuze kuxazululwe ukungaboni ngaso linye okukhona ngendlela enokuthula,” kuphetha uSurvé.