ISANCO ikhwele yadilika kwiDemocratic Alliance kanjalo ne-AfriForum ngokwenza sengathi ushwele kaMengameli Cyril Ramaphosa wokudedela iziboshwa ezingu-9488, bekuhloswe ngawo ukwenzelela uMnuz Jacob Zuma kuphela.
UMnuz Sizwe Cele onguNobhala weSanco eKZN uthe, lezi zinhlangano zababandlululi sezifunge zagomela zathi zizosiphosela inselelo isinqumo sikaMengameli Ramaphosa.
“Zithi zizoya enkantolo ukuqinisekisa ukuthi uZuma (81) ubuyela ejele. Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen uhluleka nawukuyifihla inzondo anayo ngoZuma, uzama ukumhlukanisa kulezi ezinye iziboshwa ezithole ushwele ezingu-9000, ezingayona ingozi, kwazise namajele agcwele. Uma kuhambisana nabo oSteenhuisen, bathi uZuma akekho ngaphezu komthetho kodwa uma umthetho wenzeka, kuba nokuthi uhambisana noZuma, bathi umthetho awubukelwe phansi kumbe awunganakwa,”kuchaza uCele.
Uthe kuyamangaza okwenziwa yilezi zinhlangano ngoba bona ngo-1994 bakwazi ukuxolela ababulali abangazange bazihluphe ngokuguquka, iningi lapho elitholakala kwiDA, AfriForum nakwi Helen Suzman, ababulala abantu abamnyama, babathathela nomhlaba wabo.
Uphethe ngokuthi umzabalazo usazoqhubeka kuze kube abantu bakulelizwe sebekhululekile ngokomnotho.