USAKHALA ezimathonsi namanje uMnuz Nkosinathi Chiya (39) owayeboshelwe icala lokubulala angalenzanga, wagcina ededelwe ngebheyili ejele lapho ayesehlale khona iminyaka edonsa isigwebo.
UChiya waseLindelani ukhala ngokwenzelwa phansi ezobulunguswa zaseNingizimu Afrika njengoba namanje esangaphandle ngebheyili kusukela ngo-2013 emva kokuvela kobufakazi obusha ecaleni lokubulala elamlahla ngo-2006.
U-Chiya, owaboshwa ngo-2005 kulandela ukudutshulwa kubulawe ilungu eliqavile le-IFP eLindelani, uMnuz Thomas Shabalala, ngaleso sikhathi wayenza unyaka wokuqala ezifundweni zeCivil Engineering.
Emva kwesonto, uShabalala ebulelwe, uChiya uthe amaphoyisa odumo lwakaKito afika kubo, amshaqa, ahamba naye.
Uthe washaywa ubusuku bonke, waze wakhetha ukuvuma ukuthi umbulele uShabalala. Amaphoyisa abuye alanda nomunye umngani wakhe, okwathiwa bambulale naye uShabalala kodwa yena wabuye wadedelwa, yena wagcina egwetshwa udilikajele ngo-2006.
Uthe kwakungu-2008 ngesikhathi kufika amaphoyisa ejele ezomtshela ukuthi sekuvele ubufakazi obusha obukhomba ukuthi akusiye owabulala uShabalala.
“Athi kukhona owesilisa owatholakala ezibulele ePort Shepstone, washiya incwadi egonyuluka ngokuthi uye owabulala uShabalala. Wababala nabanye abambisana nabo kulokhu,” kusho uChiya.
Uthe kusuka ngaleso sikhathi, esetsheliwe ngobufakzi obusha obabufakazela unembeza wakhe ukuthi akakaze abulale, kwathatha iminyaka emihlanu yonke ukuthi akhishwe ejele.
Kwakungu-2013 uChiya ekhishwa ngebheyili kaR4000, kwathiwa amaphoyisa asazophenya lobu bufakazi obusha osebuvelile ngecala elase limgwebile.
“Kusukela ngo-2013, ngihleli ngilinde ukuthi kuqalwe phansi uphenyo ngobufakazi obusha. Yonke le minyaka ngilinde ukuthi ngibizelwe enkantolo kuyolalelwa ukuthi yini etholwa amaphoyisa ehambelana nobufakazi obavezwa incwadi eyabhalwa yilo muntu owazilengisa,” kusho uChiya.
Uthe kukanye ebizelwa enkantolo ngalolu daba, nakhona kwangahlaluka lutho olutheni.
Egonyuluka ngokusenhliziyweni yakhe uthe ayikho into emphatha kabi nemlahlekisela ngethemba njengokuthi yize akhishwa ejele ngo-2013 kodwa ngokwempilo usafana nomuntu oboshiwe.
“Angikwazi ukuthola umsebenzi osile, ngifuna ukusebenza nami ngondle umndeni wami, ngithuthukise impilo yami. Njalo uma ngithi ngifaka izicelo zomsebenzi, kulokhu kuvela irekhodi lobugebengu, libhuntshe kanjalo ithuba lokuthi ngiqashwe ngisho sengenze nenhlolokhono,” kusho uChiya, othe uphila ngokubamba noma yini eyitoho ukuze athole amasentshana amancane.
Uveze ukuthi okubuhlungu kunakho konke ukuthi ngokuqhubeka kweminyaka, baningi asebeshonile, abebengaba usizo ekutheni kugezeke igama lakhe.
Ngale kwalo mlisa owashiya incwadi ngaphambi kokuzilengisa, uthe kwaphinde kwadutshulwa kwabulawa inyanga okuthiwa iyona eyayimsiza ngokumgeza (lona wesilisa) emva kokwenza icala.
Uthe kuyamkhathaza nakho lokho ukuthi ingabe yini edala ukuthi bonke abantu abangokhiye ekugezekeni kwegama lakhe bafe ngendlela engaqondakali kahle.
Uthe unombuzo wokuthi nakuba kunjalo, ezobulungiswa azikwazi yini ukuthi zisebenzise izitatimende ababulawa sebezibhalile lapho besuke bechaza khona ukusuka nokuhlala kweqiniso ngokubulawa kukaShabalala.
Uveze ukuthi awukho umnyango angangqongqozile kuwo ezama ukuthola ubulungiswa kodwa yonke imizamo yakhe ifana nokuthela amanzi emhlane wedada.
“Ngiyile ekomkhulu lamaphoyisa KwaZulu-Natal, ngalithinta ihhovisi likaBheki Cele, ngabhalela uMnyango wezoBulungiswa, ihhovisi likaRamaphosa neloMvikeli woMphakathi. Ngize ngakhuluma nanoBaba uVelenkosini Hlabisa we-IFP ngifuna ukuzwa ukuthi bona beyiqembu lo muntu okuthiwa ngambulala, ikuphi abangakwenza ukungilekelela kugezwe igama lami. Kuyo yonke le minyango angikaze ngikuthole ukusizakala,” kusho uChiya.
Isolezwe lizamile ukuthola ukuphawula kwayo yonke le minyango kodwa kwangaphumelela.
I-IFP, ihhovisi likamengameli, amaphoyisa KwaZulu-Natal abaphendulanga.
Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uNksz Lirandzu Temba ucele ukunikwa isikhashana ukuze athole kabanzi ngalolu daba.
Okhulumela uMnyango wezoBulungiswa, uMnuz Steve Mahlangu the uzoxhumana nezikhulu ze-unit yakwa-expangement ngalolu daba.
Okhulumela ihhovisi loMvikeli woMphakathi, uMnuz Oupa Segalwa uyalele uChiya ukuthi akaphinde alibhalele kabusha ihhovisi labo ukuze baqale phansi balubuyekeze udaba lwakhe.