ZISEQHULWINI izinhlelo zokubonisana phakathi kweKhomishini elwela amaLungelo Abantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) nezinhlaka zeDemocratic Alliance (DA) kuzwelonke nasezifundazweni ngodaba lwabagilwa yizikhukhula ngo-Ephreli nonyaka, KwaZulu-Natal.
Lokhu kudalulwe izolo ngumxhumanisi osabambile wekhomishini uMnuz Wisani Baloyi, esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba ngemva kwemashi yeDA KwaZulu-Natal ngoMsombuluko, emahhovisi ekhomishini.
UBaloyi uthe umsebenzi wokuqapha amalungelo abagilwa, kade yawuqala ikhomishini ukuwenza kusuka ngo-Ephreli, ngemva kwezikhukhula ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abo avikelekile futhi usaqhubeka.
Uthe izikhukhula zashiya umonakalo nenhlupheko engakaze ibonwe. Wathi abantu abaningi balahlekelwa yizihlobo zabo, abanye basala bengenazo izindawo zokuhlala, ukudla, amanzi, ukuthuthwa kwendle, ezempilo nezemfundo.
“Ngenxa yaleso sizathu ikhomishini ayitholanga nje kuphela isikhalazo esivela kwiDA kodwa izitholile ebezivela nakwezinye izinhlaka zomphakathi ebezikhathazekile ngesimo esifanayo,” kuchaza uBaloyi.
Wenze isibonelo ngokuthi eziningi izikhalazo zithinta indaba yamanzi.
“Ingcindezi ikhomishini ebilokhu iyifaka kuhulumeni eyokuthi abagilwa bayazithola izidingongqangi nokuthi bagcina benikwa izindawo abazohlala kuzo unomphelo,” kusho uBaloyi.
Udalule ukuthi ngenhloso yobhekana nomthamo wezikhalo ezimayelana nabagilwa bezikhukhula, ihhovisi labo lisungule ithimba elifaka phakathi okhomishana abathathu abajutshwe ukuthi bahlole umonakalo odalwe yizikhukhula.
“Omunye umsebenzi wethimba wukuthi baxhumane nezinhlangano zomphakathi ezahlukene, nehhovisi likaMcwaningi mabhuku ukuze kubanjiswane ekutheni kusizwe abagilwa futhi kubhekisiswe nokuthi izimali zisetshenziswa ngendlela efanele,” kuchaza uBaloyi.
Uthe bafuna ukukuveza ukuthi nakuba bekuthola ukwesekwa ezinhlakene ezihlukene abasebenzisana nazo kodwa zikhona izingqinamba ezikhona.
Uthembise ukuthi ikhomishini izoqhubeka nokwenza konke okusemandleni ukuza nezixazululo kubagilwa. Wathi umnyango uvuliwe kulabo abafuna kusebenzisana nayo ekuqinisekiseni ukuthi amalungelo abantu awanyathelwa.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, ukuqinisekisile ukuthi ukhona umnyakazo owenzekile ngemva kwemashi yabo yangoMsombuluko.
“Basibhalele, basinika izinsuku ezintathu ngasekuqaleni kukaNovemba abathe singakwazi ukubamba umhlangano nabo ngazo. Ngebhadi, bese nginezinhlelo zokuya ngaphandle kwezwe ngomsebenzi wePhalamende ngalezo zinsuku. Ngakho ngicelile ongisizayo ukuthi ababhalele abaphendule ukuthi ngiyoze ngibuye ngoNovemba 20 kuleli,” kusho uRodgers
Uqhube wathi bazocela ukuthi iSAHRC iphinde ibanike ezinye izinsuku ezingale komhlaka-20 ukuze kube nomhlangano.
Ugcizelele ukuthi bakubona kuwumnyakazo omuhle ukuthi bayitholile impendulo evela kwiSAHRC emva kwemashi yabo, yize kube nokucweba kweziziba kusukela ngoJulayi bebabhalela.