BONISWA MOHALE
ISOUTH African Council of Churches (SACC) iphakamise ukuthi uPhapha Francis, kumele azame ukuthola isixazululo sodlame oluphakathi kwe-Ukraine neRussia.
ISacc yenze isiphakamiso emuva kokuthi izingxoxo ebeziphakathi kwe-Ukraine neRussia, zingalulethanga ushintsho olutheni.
“Sifisa uPhapha Francis angenelele ngoba ungumuntu okwaziyo ukuxoxisana nezinhlaka ezingaboni ngasolinye. Sinethemba lokuthi ukungenelela kwakhe kuzosiza ukuthi kube noxolo phakathi kweMoscow neKyviv. Siyacela nokuthi amakholwa azile ukudla, athandazele ukuthula e-Ukraine naseRussia, nasemhlabeni jikelele njengoba kuqala inkathi yePhasika,” kusho uNobhala Jikelele weSACC, uMbishobhi Malusi Mpumlwana.
Uthe uMengameli weSACC, u-Archbishop Thabo Makgoba, ubhale incwadi wayithumela kuPhapha uFrancis, emcela ukuba angenelele.
“SiyiSACC sifuna ukuthi kube noxolo nokuthula eNingizimu Afrika, nasemhlabeni jikelele. Siyabakhathalela bonke abantu. Siyazi ukuthi kunobudlelwano obujulile obuqoshwe nasemlandweni phakathi kweRusia ne-Ukraine. Siyazi ukuthi ubudlelwano bunemicikilisho yakhona, yingakho kubalulekile ukuthi kuxoxwe ukuze kube nesisombululo. UPhapha Francis simbona ewumuntu okahle ukusingatha lezi zingxoxo ngoba unozwelo futhi uthanda ukuthi kube noxolo emhlabeni,” kuchaza uMpumlwana.
Uthe okuhle wukuthi vele noPhapha uzimisele ukuba yingxenye yezingxoxo ezizothola isisombululo phakathi kwe-Ukraine neRussia. Wathi iSACC ithumele incwadi kanti neVatican ibisiqale izinhlelo zokuthinta izinhlangothi ezithintekayo.
Isazi kwezomnotho nezomthetho uSolwazi Bonke Dumisa, sithe okwenzeka phakathi kweRussia nase-Ukraine, kuthinta umhlaba wonke ngoba kuzonyusa intengo kaphethroli njengoba lawa mazwe eno-oyela ongahluziwe futhi edayisa ukolweni nombilwa emazweni omhlaba.
UMengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, ugqugquzele izinhlaka ezithintekayo ukuba zithole isisombululo esinokuthula, ngokuthi zihlale phansi zixoxisane.