MHLENGI SHANGASE
YIZE uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal wabelwe u-R42.1 billion kodwa ingxenye cishe engaphezulu kuka-R35 billion izoya emaholweni othisha.
Lo mnyango yiwona owabelwe cishe u-41.3% wesabelo sezimali sikahulumeni wesifundazwe esingu-R99.1 billion kodwa uzobhekana nenkinga ngoba ngeke ube namandla okwenza ezinye izinhlelo ngenxa yokuntula imali.
UNgqongqoshe wezezimali, uNkk Belinda Scott, ethula lesi sibelo esiShayamthetho izolo uthe isabelo salo mnyango sizonyuka eminyakeni ezayo sibe ngu-R44.2 billion ngo-2016/2017 sifinyelele ku- R46.4 billion ngo-2017/2018.
“Ukuholelwa kwabasebenzi kuzodla kakhulu njengoba u-82% wesabelo sezemfundo uzokhokhela bona. Lo mnyango uzosebenzisa imali ukukhokhela ezinye izivumelwano zamaholo ezaba khona ezazingahlelelwe. Umnyango ubuye wathatha enye imali yengqalasizinda ukuze ukhokhele abasebenzi,” kusho uNkk Scott.
Uthe umnyango uhlela ukusabalalisa izinsiza kufundisa ezikoleni ukuze kuthi kuvulwa izikole kube kufundwa.
“Kuno-R1.4 billion wokuthenga izinsiza kufundisa kuzona zonke izikole. Abafundi abasezikoleni ezingoQuintile 1 kuya ku-3 bazoqhubeka bahlomule ohlelweni lokudla,” kusho uNkk Scott.
UNkk Scott uthe kuno- R2.1 billion ozonikwa izikole okuyimali yama-norms and standards.
“Umnyango uzonyusa imali yamakilasi e-Early Childhood Development (ECD) ukuze izikole ezinoGrade R zibe nezindawo ezikahle zokufundela. Kuzolungiswa nengqalasizinda ezikoleni zezingane eziphila nokukhubazeka,” kuqhuba uNkk Scott.
Inhloko yoMnyango wezeMfundo, uDkt Nkosinathi Sishi, ithe uhulumeni ukutshengisile ukuthi uyibeke eqhulwini imfundo.
USishi uthe phambilini bebesebenzisa imali enkulu kakhulu emaholweni abasebenzi kodwa umthwalo uzokwehla manje.
“Bekudingeka ukuthi sithathe imali yengqalasizinda ukuze sikhokhele othisha okuyinto ebingiphatha kabi kakhulu kanti manje sesizosebenzisa cishe u-82% emiholweni yabasebenzi. Sesizokwazi ukwenza ezinye izinhlelo zokwakha izikole nokuphucula ingqalasizinda ngoba ngeke sisathatha le mali sikhokhele ngayo othisha,” kusho uSishi.
UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe uMgcinimafa bekumele ayibambe imali yomnyango uze uqhamuke nezinhlelo ezicacile zokusebenza kwayo.
Uthe kuhlale kuthiwa kukhishwa imali kodwa kunothisha abangaholile abayitoho, abasebenzi abangayitholi imali yokuba sezikhundleni nokukhokhelwa kancane kothisha bakwaGrade R.
“Izikole azinikwe imali ziziphathele ngoba kwaleyo mali yama-norms and standards igcina ingafikanga ezikoleni.
“Sikushayela ihlombe ukukhushulwa kwesabelo sezimali kodwa azicaci izinhlelo zomnyango,” usho kanje.
UNkk Scott umemezele nokuthi kuno-R84 million wokusiza kulungiswe izikole ezikhahlanyezwe yiziphepho.
Uhlelo lwezokuthutha abafundi olusezandleni zomnyango wokuThutha lunikwe uR10 million.
Imifundaze yokuxhasa abafundi ebiseminyangweni ehlukene isisingethwe yihhovisi likaNdunankulu.
Ezinye zezinhlelo eziseqhulwini wukwakhiwa kwamakilasi eNdumo Secondary, eMgezeni, Welabasha, La Mercy Primary, Pholela Special School naseMkhanya Komsings.