NJENGOBA kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo amaqembu ezepolitiki awazibekile phansi, aphansi phezulu anxenxa abavoti ukuthi bakhumbule ngosuku lokhetho. Lokhu akugcini ngokwenziwa amaqembu akade abakhona kodwa nalawo amasha ayasukuma azithintithe. Isolezwe likhulume nomholi welinye lamaqembu amasha, uNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo, onguSihlalo weRise Mzansi KwaZulu-Natal.
Elandisa Isolezwe ngaleli qembu, uthe lithulwe emphakathini ngo-Ephreli ngumengameli walo, uMnuz Songezo Zibi.
“Inhloso yethu enkulu ukuthi sifuna abantu bavuke bazithathe ngoba leli yikusasa labo. Njengamanje sihambela imiphakathi ehlukahlukene ngenhloso yokuthola ukuthi abantu bafunani. Sizothi uma sesitholile sibe sesihlanganisa usomqulu weRise Mzansi noma izimiso zaleli qembu,” kusho uNkk Hlongwane-Mhlongo.
Uphinde waveza ukuthi leli qembu lihlanganiswe osolwazi, odokotela, abahlengikazi, othisha kanjalo namalungu omphakathi. Uthe okuhlukile ngeqembu lakhe ukuthi akekho umuntu oxoshwe kwelinye iqembu.
“Njengamanje sihambela izindawo ezifana noMlaza, Mandeni, Mhlabuyalingana nezinye sifundisa abantu ngokuvota nokubaluleka kokubhalisa. Okuhle ngathi ukuthi lapho sihamba khona sishiya abantu kunokuthize abakwenzayo,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi bazohlangana eGoli ngo-Agasti 29 kuya kuSepthemba 1 lapho abazohlanganisa konke abakuthole behambela imiphakathi bese behlanganisa eminye yemigomo yabo.