KUPHUME isidumbu iphoyisa lidubula elinye kubangwa isitifu sikagologo ngesikhathi kosiwa inyama, esigamekweni okuthiwa senzeke eGamalakhe, ePort Shepstone, ngoLwesihlanu ebusuku.
UConstable Siyanda Ndlovu waseMthwalume obesebenza ngaphansi kophiko i-Public Order Police ePort Shepstone, uphangalale engeniswa emtholampilo wendawo enenxeba lokudutshulwa esiswini, okuthiwa kube ngemuva kwengxabano nozakwabo oneminyaka engu-42 oyiphoyisa eliwumseshi esiteshini esiseHarding, oboshiwe.
Ngokulandisa komthombo, bekunemidlalo yebhola lezinyawo ezinkundleni zezemidlalo i-Ugu Sports and Leisure phakathi kwamaqembu endawo, elinye elidlalelwa wuNdlovu, okuthe emva komdlalo kwashiswa inyama kwabekwa neziphuzo, abadlali bamaqembu womabili bezibungazela.
“Umsolwa ubeyisibukeli, kanti ubeqala ukufika endaweni njengoba ubevakashele umngani wakhe ongomunye wabadlali kumaqembu abedlala. Emva komdlalo kushiswe inyama kosiwa nje kwajatshulwa, okuthe ebusuku sekuqoqelwa ukuhamba, umsolwa waqoqa amabhodlela abengasenalutho, abegcwele lapho bekuphuzelwa khona ngenhloso yokuwalahla. Ngebhadi kuqoqeke nebelisanesitifu sikagologo sikamufi, okuyinto emthukuthelisile uNdlovu,” kusho umthombo.
Uthe kube nokuhilizisana ngamazwi phakathi kwalawa maphoyisa abengekho emsebenzini, kwaholela ekutheni agcine esebambana ngezandla. Kuthiwa uNdlovu obesopha ekhanda uthukuthele wagaba unwabu, wajaha ngebhodlela umsolwa obebaleka eqonde ngasemotweni yakhe, athe uma efika khona wathatha isibhamu. Ngokwalo mthombo, umsolwa uphume waduluba wabhekisa phezulu emoyeni, kodwa uNdlovu waqonda kuye ngqo nebhodlela waze wafike wambamba, kwabangwa isibhamu, kwezwakala ukuqhuma kwaso umufi wamemeza ekhala.
Kuthiwa umsolwa ungene emotweni wazama ukubaleka kodwa onogada bamhlala ezithendeni, wangena emgwaqweni ophelayo, kwabe usezivalele ekhoneni, zamkhalela.
Ikhansela lendawo uMnuz Phumlani “Mapu” Gumbi, ebelikhona kwenzeka lesi sigameko njengoba nalo belidlala ngalolu suku, lichaze uNdlovu njengomuntu obengenalo udlame, ozithandela ibhola okungenzeka ukuthi ulaka lwakhe beluhambisana nokuthi ubeseqiwe uphuzo.
“Sihlela ukuvakashela umndeni, yize simadolonzima ngoba asazi uzosithatha kanjani ngoba yithina esamlanda ukuthi azovimbela leli qembu njengoba ubenekhono elimangalisayo ezintini. Ukushona kwakhe ngale ndlela mhlawumbe kuzofika kabi emndenini kube sengathi sathatha ingane yabo ngenhloso yokuyilimazisa, ngenxa yale ngozi eyenzekile ebuhlungu kangaka,” kusho uGumbi.
Imizamo yokuthola inombolo yokuxhumana nomndeni kaNdlovu ayiphumelelanga.
Okhulumela uphiko olubhekelele ukuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Phaladi Shuping, uqinisekise ukuthi iphoyisa eliwumsolwa liboshiwe, lizovela enkantolo maduze.