ISIFUNDAZWE iLimpopo singene emlandweni wokuba nondunankulu wokuqala wesifazane, uDkt Phophi Ramathuba, okhethwe ngoLwesihlanu esiShayamthetho.
IziShayamthetho zihlale okokuqala izolo lapho bekukhethwa khona osomlomo, amaphini abo nondunankulu bezifundazwe. Izifundazwe zihlale ngesikhathi esifanayo nePhalamende, nalo ebelihlala okokuqala.
ILimpopo ibuyele ezandleni ze-ANC ebivele iyiphethe phambilini. Bekuqala eLimpopo ukuthi kukhethwe undunankulu wesifazane njengoba lesi sikhundla besihlala siqhoqhobalwa amadoda.
UDkt Ramathuba ubenguMphathiswa wezeMpilo esifundazweni kuhulumeni okade uphelelwa yisikhathi kanti ungena esikhundleni ebesiphethwe wuMnuz Stanley Mathabatha.
UNkk MaQueen Joyce Letshoha-Mathae ukhethelwe kwesikaNdunankulu waseFree State. I-Free State nayo ibuyela ezandleni ze-ANC ebiyiphethe ngaphambi kokhetho lwangenyanga edlule.
EMpumalanga kukhethwe uMnuz uMandla Ndlovu kwesikaNdunankulu nokuyisikhundla okuphuma kusona uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane. Nakhona eMpumalanga kubuyele yona i-ANC.
E-Eastern Cape kubuyiselwe uMnuz u-Oscar Mabuyane naye ojutshwe yiyona i-ANC ebuyise isifundazwe. E-Western Cape kubuyele uMnuz Alan Winde obevele eqhoqhobele lesi sikhundla yena ojutshwe yi-DA ephethe isifundazwe.
UMnuz uPanyaza Lesufi ubuyiselwe kwesikaNdunankulu waseGauteng yona ezophathwa ngokubambisana namanye amaqembu nebikade iphethwe yi-ANC ngaphambi kokhetho. UDkt uZamani Saul ubuyele kwesikaNdunankulu waseNorthern Cape.
E-North West kukhethwe uMnuz uLazarus Mokgosi ongena esikhundleni sikaMnuz Bushy Maape ongabuyelanga. INorth West nayo ibuyela ezandleni ze-ANC ebikade iyiphethe ngaphambi kokhetho.
Omunye owesifazane othole isikhundla esiqavile nguNkk Thoko Didiza okhethelwe kwesikaSomlomo wePhalamende. UNkk Didiza udabuka KwaZulu-Natal kanti uke waba ungqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zasemaKhaya.
KwaZulu-Natal kukhethwe uNksz Nontembeko Boyce kwesikaSomlomo weSishayamthetho nokuyisikhundla abevele esiphethe ngaphambi kokhetho. UNksz Boyce udabuka eFlagstaaf, e-Eastern Cape, kodwa usezinze eKZN.
UNksz Mmabatho Tembe weDA ukhethelwe kwesePhini likaSomlomo. UNksz Tembe udabuka eMgungundlovu, KwaZulu-Natal.