UCWANINGO lwakamuva olwenziwe yisitshudeni seNyuvesi yaseWestern Cape, uMnuz Sibusiso Mmeli Ngubane, luphakamise ukuthi makuphele ukuzila kwabesifazane abashonelwe ngabayeni.
Kulolu cwaningo uNgubane ukhala ngokuthi abesifazane abagqoke inzilo emnyama, bayabandlululwa ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, kwazise abavunyelwa ukuhamba baphoqwa ukuba bahlale izinyanga eziwu-12 bengenzi lutho.
Lolu cwaningo olusihloko sithi Feminist Approach to Ukuzila Custom Under the New South African Constitutional Dispensation, luveza ukuthi inzilo iphula ilungelo labesifazane lokusebenza bazenzele imali, elenkolo, ukuzikhethela namanye.
UNgubane ukhale ngokuthi abesifazane bayaphoqwa ukuthi bahlale phansi uma beshonelwe abayeni babo njengoba begoya kuze kube kuyafihlwa. Bagqokiswa inzilo emnyama unyaka kuze kube bayakhunyuliswa.
Uthe okubuhlungu wukuthi amadoda uma eshonelwe abafazi awaziliswa kanzima, awagqokiswa izingubo ezimnyama futhi awagoyi. Ayikho nemithetho enzima ashayelwa yona.
Uphakamise ukuthi mawuphele lo mkhuba wokuzilisa abesifazane bahlaliswe emakhaya. Kusungulwe nohlaka oluzosiza abesifazane abashonelwe ngabayeni kubo bonke omasipala ukuze bahlonyiswe ngosizo lwezomthetho kuvikelwe namalungelo abo.
USolwazi Jabulani Maphalala oyisazi samasiko nosikompilo lwama-Afrika, uthe vele umkhuba wokuzila ngezingubo ezimnyama awusona isintu ngoba KwaZulu ayikho inzilo yomuntu wesifazane kuphela.
“Uma kushoniwe wonke umndeni uyazila. Kudala kwakubizwa umhlangano kutshelwe wonke amalungu omndeni ukuthi yiziphi izinto okufanele azithibe kuzo. Owesifazane oshonelwe wumyeni wayesusa isicholo, izinwele zakhe zihlale zingalungisiwe. Kwakuba nehlambo lomndeni wonke, kuhlatshwe bese kwenziwa izimfanelo zakhona. Wonke amalungu omndeni akhululwe ukuthi asengagida, sekungaba nemicimbi nokunye,” kusho uMaphalala.
Uthe akukho okwakuqonde umfelokazi yedwa kodwa kwakuzila wonke umndeni.
UDkt Nomagugu Ngobese oyisazi samasiko, uthe inzilo akuyona eyakwantu ngoba izindwangu zafika nabelungu.
“Kudala kwakulukwa utshani obabufakwa wumndeni owawushonelwe. Kwakungenziwa le nto yokuthi owesifazane agqoke izingubo ezimnyama, izishweshwe nayo yonke le mikhuba esiyenziwa manje. Kufanele vele uphele lo mkhuba ngoba abesifazane balandelwa yizigebengu uma beyofuna izinsiza ezehlukene emadolobheni,” kuchaza uDkt Ngobese.
Uthe inzilo ibandlulula owesifazane ngoba ivele imbeke obala ukuthi abonwe yizwe lonke ukuthi ushonelwe wumyeni.
Uphakamise ukuthi abantu babuyele esintwini sakudala, bayeke imikhuba efike nabelungu ngoba abelungu abazigqoki izindwangu ezimnyama.