INYOSI uBuzetsheni Mdletshe, ithi isenzo seSilo uMisuzulu kaZwelithini, sokubulala ibhubesi, sibe wuphawu lokuthi uyiyona ngempela inkosi. UMdletshe uxoxe kabanzi neSolezwe ngoMgqibelo, esigodlweni kwaKhangelamankengane izolo, lapho bekulungiselelwa khona umcimbi wokufaka iSilo esibayeni.
Umcimbi wokufaka iSilo esibayeni, uhambisana nokusiqinisa kubikelwe izinyanya namakhosi asakhothama ukuthi yisona esesithatha isihlangu sikayise ongasekho emhlabeni.
UMdletshe oyinyosi, unezaqheqhe zomlando waseNdlunkulu kaZulu, awulanda aze avukwe wusinga. UMdletshe ubehamba kakhulu neSilo esikhotheme, uZwelithini kaBhezulu esihasha futhi namanje usanamathele kulesi Silo esisha uMisuzulu kaZwelithini.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini, siphume inqina ngoLwesine ebusuku sayozingela satholana phezulu nebhubesi salinqoba sabuya nalo esigodlweni. UMdletshe uthe indaba yokubulala ibhubesi yaqalwa yiSilo saKwaDukuza, uShaka kaSenzangakhona. Iphinde yavuswa yiSilo uZwelithini kaBhezulu naye owalinqoba ibhubesi.
Ibhubesi elibuye neSilo lihlatshelwe inkomo emhlophe qwa okuthiwa kugezwa ngayo iSilo emuva kokulibulala. UMdletshe uthe isizwe kufanele sikhululeke phakathi ngoba sinayo inkosi efanele manje.
“Ngale kokunanaza nje ngingalisho liphelele elokuthi namuhla sinengonyama engangatshazwa ngoba ibulale ibhubesi. Imikhuba yaseNdlunkulu kayiqedwa kodwa khona liyaye lenziwe okuningi, kungenzeka njengoba kuphekiwe uthuke uhlangana nenqatha lenyama yebhubesi ekudleni,’’ kusho uMdletshe.
Kwenzeka konke lokhu nje, umbango wesihlalo seSilo usaqhubeka ngoba abanye abantwana ababili baphakanyiselwe ukuthi bathathe isihlangu sikayise, bephikisa iSilo uMisuzulu. UMntwana uSimakade usanda kwenza umcimbi engena esibayeni esigodlweni eNyokeni.
Kuthe kusabatshazwa lokho, kwavela uMntwana uMbonisi noMntwana uMathubesizwe bememezela uMntwana uBuzabazi wasesigodlweni saKwaDlamahlahla. UMntwana uBuzabazi uzalwa yiSilo uZwelithini kaBhekuzulu kuNdlunkulu uKaMathe.
Izulu belinomoya obandayo ohambisana nomkhemezelo kodwa abantu bebephithizela esigodlweni kwaKhangelamankengane, belungiselela umcimbi omkhulu. Namuhla kulindeleke ukuthi uqhubeke umcimbi futhi uzohanjelwa yinqwaba yezihambeli ezivela ezweni lonke.