INYANGA ebuye ibe ngumfundisi webandla labasindisiwe, iHoly Mpumalanga Ministries, uMnuz Khumbulani “ Mabalengwe” Ntombela kuthiwa igxavulwe ngamaphoyisa iphuma emsakazweni, Ukhozi FM, ahamba nayo.
Ngokusho komthombo osondelene neSolezwe ngeSonto, uMabalengwe ufike emsakazweni esephelezelwa ngaphoyisa, aphinde aphuma naye. Ubeze ohlelweni, iSigiya Ngengoma lukaBheka Mchunu lapho ebezoqhudelana noZamokwakhe “Bhaka” Nzama ngengoma.
Ohlelweni uBheka Mchunu uvamise ukuqhatha abantu abaziwayo ukuthi bakhethe izingoma ezinhlanu ezizovotelwa ngabantu bese kumenyezelwa odle umhlanganiso ngokuba namavoti amaningi.
Umthombo uthe uMabalengwe ufike ohlelweni ngemuva kwesikhathi, ophrojusa sebecabanga ukumfonela ukuthi asho izingoma zakhe ocingweni.
“Ufike engumuntu okhombisa ukuthi uthukile kodwa wangachaza ukuthi inkinga ikuphi. Amaphoyisa abemlinde ngaphandle, okuthe uma kuphela uhlelo amthatha ashaya achitha naye. Anginaso isiqiniseko sokuthi bekwenzekeni kodwa sisole ukuthi inkinga ibisemotweni abehamba ngayo njengoba amaphoyisa ahambe naye isishayelwa yiwona, yena wahlaliswa ngemuva, ekubeni ubefike emsakazweni ezishayelela imoto” kusho umthombo.
Ethintwa uMabalengwe uvumile ukuthi uhambe namaphoyisa emsakazweni.
“Empeleni ayikho inkinga ebikhona kodwa sengigadwa ngamaphoyisa njengoba kunezinyanga ezingifuna ngifile eThekwini. Sengenza uhlelo namaphoyisa ukuthi angigade uma ngingena eThekwini noma ngiphuma khona ngoba kukhona engisola ukuthi bafuna ukungibulala. Ahlala engiphelezela ngaso sonke isikhathi. Nalaba abangangifuni ngifuna bazi ukuthi ngingenisa okukamengameli, ngiphinde ngiphume njengaye eThekwini,” kusho uMabalengwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLT Colonel Nqobile Gwala uthe alikho icala elivulwe esiteshini samaphoyisa iDurban Central, okuthiwa uthathwe ngamaphoyisa akhona, kodwa kungenzeka ukuthi livulwe kwesinye isiteshi uma kungukuthi uboshiwe.
Ngokokugadwa amaphoyisan kukaMabalengwe, uLT Colonel Gwala uthe wumsebenzi wamaphoyisa ukuqapha ubugebengu, kawagadi abantu. Uthe ngabaqaphi kuphela abenza lowo msebenzi futhi kuba wuhlelo olwenziwa wuyena umuntu ofuna ukugadwa, bakhokhelwe wuyena.