INYANGA uMnuz Bhekithemba Ngubane, ithi yehlulekile wukuziba izwi lekhehla eliyidlozi, eliyiyalele ukuthi iqale yelaphe abantu abahluphekile ngokusungula inhlangano yezepolitiki entsha.
UNgubane usungule i-Azanian Revolutionary Congress (Azarco), athi sekunesikhathi efikelwa yizwi limtshela ngayo.
UNgubane uzichaze njengosebenzele izinkampani ezizimele nohulumeni ngoba uthi uneziqu zokucwaninga amabhuku. Uthi kudala izwi limfikela ngendaba yenhlangano kodwa waqala wayicubungula kahle le ndaba, wenza ucwaningo olunzulu wase eyavuma.
Isolezwe ngeSonto lenze uphenyo lwalo lathola ukuthi inhlangano kaNgubane iyavela ohlwini lwamaqembu abhalisile kwi-IEC. Uphenyo luveza nokuthi bazibhalise ngokuthi amahhovisi abo aseMhlanga, eThekwini.
UNgubane ukuchithile ukuthi bawuqhibukhowe weqembu, elivele ngoba nakhu sekubhekwe okhethweni. Uthe babeka phambili abantu abamnyama, okuyibona abazobanika ubulungu.
“Abantu abamnyama yibona abacindezeleke kakhulu emhlabeni wonke, noma ungayaphi. Inqubo eqhakambisa abantu abamnyama yaziwa umhlaba wonke kodwa yiyona ecindezelwa kakhulu futhi yonke indawo,’’ kusho uNgubane.
Uthe bona bamele ukuthuthukiswa kwamakhono kubantu, bazimele, bahlukane nokuthembela kuhulumeni nokuba wokhangezile. Uthe bazimisele ngokulekelela abantu ukuthi bazakhele umnotho wabo nefa abazolishiyela izizukulwane.
UNgubane uthe kufanele kubuyiswe isigwebo sentambo, ababona kuyisona esingaba yimpendulo ebugebengwini obudla lubi ezweni.
Uthe abafuna ukujoyina bayakwazi ukungena kwisizindalwazi sabo nasezinkundleni zokuxhumana bakhona ngoba basebenzisa isimanjemanje.