KUSHUBILE phakathi kwenyanga yaseMlaza, uMnuz Nhlanhla “Sbushebushe” Cele, nomkhwekazi wakhe uNkk Thulisile Magoso ababanga indodakazi yenyanga okuthiwa inqwahe nomkhwekazi.
UCele ufake umkhwekazi wakhe enkantolo efuna ukunikezwa ithuba lokubona indodakazi yakhe. Kuthiwa umkhwekazi kaCele wafika emzini wenyanga ingekho washaqaindodakazi yakhe eyingoduso kaCele, uNksz Ntokozo Magoso, nomzukulu wakhe oyindodakazi kaCele, ekhala ngokuthi ugobela uyabalambisa.
UCele kuthiwa wazama ukulanda umndeni wakhe kumkhwekazi wafike wahlangabezana nezimbila zithutha ngoba kuthiwa wafike wamchapha ngenhlamba washiya angalazi.
Emva kokungaphumeleli kwemizamo kaCele, unikele enkantolo ecela ukuthi ingenelele. Inkantolo ijube osonhlalakahle ukuthi benze uhlelo lokuxoxisana nomkhwekazi bavumelana ngokuthi kuzoba nezinsuku inyanga ezonikwa ithuba lokuthi ibonane nendodakazi yayo phambi kosonhlalakahle noma amaphoyisa.
Lokho akwenzekanga ngoba kuthiwa umkhwekazi wanqaba nomzukulu. Ucelwe izikhathi eziningana kwahlelwa nezinsuku okuzolandwa ngazo umzukulu ukuze abonane noyise uCele kodwa wanqaba uNkk Magoso. Kuthiwa ubexosha osonhlalakahle uma bezolanda ingane beyisa kuyise. Muva nje, kuthiwa ubasasazele nangezinja.
Bebuzwa osonhlalakahle ngesigameko banqabile ukuphawula bathi bayalwazi udaba kepha abavumelekile ukukhuluma nabezindaba.
Inkantolo ithathe isinqumo sokuthi kuzomele azovela enkantolo uNkk Magoso, ngesenzo sakhe sokunqaba nendodakazi. Esinqumweni esithathwe yinkantolo Isolezwe ngeSonto elinayo ikhophi yaso, kuvela inqwaba yezinsuku obekumele avele ngazo enkantolo uNkk Magoso kodwa engafiki. Manje isiphinde yambiza yathi uzobhekana necala lokungayihloniphi, elingamhlalisa enjele unyaka wonke. Yathi nelokunqaba nengane lingamhlalisa iminyaka engeqile ku-10 noma akhokhe inhlawulo noma kwenzeke kokubili ukuthi akhokhe aphinde aboshwe.
UCele uthe akasamethembi uNkk Magoso.
“Kunomuntu oboshiwe ngokudutshulwa kwami angisaqondi noma uyathinteka yini umkhwekazi ngendlela aziphatha ngayo. Ngizozwa uma sekuqulwa icala,” kusho uCele.
Imizamo yokuthola uNkk Magoso ayiphumelelanga. Ucingo lwendodakazi yakhe uNksz Ntokozo Magoso okuthiwe itholakala kulona, belungangeni. Umyalezo othunyelwe kulona awuphendulwanga.