INYUNYANA yabasebenzi bensimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa, idonse ngendlebe uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ukuba aphasise ukudayiswa kwenkampani yamabhanoyi iMango.
Inkantolo esePitoli, isichithile isicelo sikaGordhan sokudlulisa isinqumo senkantolo sangoSepthemba 6.
Lapho wayeyalelwa khona ukuthi anqume ukuthi iyadayiswa iMango noma cha kungakapheli izinsuku eziwu-30.
Akazange athathe isinqumo, kunalokho wafaka isicelo sokudlulisa icala.
Inkantolo yalile ukuba adlulise icala kanti iNumsa ithe lesi sinqumo sizosiza abasebenzi ababalelwa ku-700 abahleli emakhaya njengoba iMango ingasebenzi.
UNkk Phakamile Hlubi-Majola okhulumela iNumsa, uthe uGordhan kufanele avume ukuthi iMango idayiswe ngoba umnyango wakhe uhlulekile.
“IMango ibiphethwe yiSouth African Airways (SAA) noMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni. Ingene ohlelweni lokuhlengwa emuva kokungabi namali. Njengamanje kunosomabhizinisi abafuna ukuyithenga, abanezinhlelo ezinhle zokubuyisa imisebenzi yabantu. Asiqondi ukuthi kungani uGordhan evimba ukuthi ithengwe ngabantu abazoyivusa,” kusho uNkk Hlubi-Majola.
Uthe kubi ukuthi uGordhan usebenzisa imali yabakhokhi bentela ukuya enkantolo esikhundleni sokuvuma ukuthi iMango ivuswe kabusha.
Isolezwe belilokhu libika ngezinkinga zeMango njengoba kwavela ukuthi inezikweletu ezibalelwa kuR2.8 billion okukhona kuwo uR183 million wamathikithi abagibeli abagcina bengagibelanga ngoJulayi ka2021.
UMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni waqoka abazosebenza ohlelweni lokuhlenga iMango kanti uhlelo lwabo lwamukelwa abakweletwa yile nkampani nezinyunyana.
Kwavela nokuthi zikhona izinkampani ezifuna ukuthenga iMango ezinye ezisalindile namanje.
UNkk Hlubi-Majola uthe uGordhan uzenza umuntu onendaba nokuthi izinkampani zikahulumeni ziphathwe kahle kodwa izinkampani zikahulumeni okubalwa i-SA Express, SAA, Eskom, Transnet neDenel, ziwe ebuka.