AYAVEVA amalungu omphakathi waseNtuzuma ngemuva kokuthi abasebenzi bakuMasipala weTheku bedilize umjondolo welinye ilungu lomphakathi okuthiwa ubuwakhiwe endaweni okungafanele kwakhiwe kuyo.
Kuthiwa umjondolo kaMnuz Mandla Mthembu udilizwe kukhona ingane yakhe, unina wengane nezimpahla phakathi.
Kusuke ingxabano phakathi kwamalungu omphakathi nabebediliza umjondolo ngeSonto nalapho kube sekudutshulwa abantu ngezinhlamvu zenjoloba.
UMthembu udluliselwe esibhedlela ngenxa yokulimala, kanti ingane nonina wayo baphumile endlini babaleka.
Ilungu lomphakathi ebelikhona kwenzeka lokhu elingathandanga ukudalulwa, lithe amalungu omphakathi acele ukuthi kukhishwe izimpahla endlini ukuze zingalimali.
“Yilaphoke baqale balwa khona nathi. Bebebulala yonke into esendlini beyishaya ngezimbazo. Ngenkathi kungenelela amalungu omphakathi, onogada babe sebedubula bebhekise kuwo,” kusho ilungu.
UMNUZ Vuyani Mzotho ungomunye wabalimele ngenkathi kudutshulwa amalungu omphakathi KwaMancinza, eNtuzuma. Kuthiwa lawa malungu omphakathi adutshulwe ngesikhathi kudilizwa umjondolo obekuthiwa wakhiwe endaweni engafanele. Isithombe: Tumi Pakkies
UMnuz Vuyani Mzotho, osondelene noMthembu nobekhona kwenzeka isehlo, uthe laba basebenzi bebevele bemqondile njengoba kuyindlu yakhe kuphela ediliziwe.
“Bathe bayazi ukuthi umuzi okuhlala kuwo amalungu e-EFF lona ngakho bafuna ukusikhombisa njengoba uMthembu wayehamba phambili neqembu le-EFF ngokhetho lukazwelonke obelungesonto eledlule. Miningi imijondolo eyakhiwe kule ndawo kodwa kudilizwe owodwa,” kusho uMzotho.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe ngesonto eledlule uMasipala wathola imibiko yokuthi kukhona abakha izindlu ngokungemthetho base bengenelela kulolu daba kodwa basatshiswa amalungu omphakathi.
“NgeSonto abasebenzi bakamasipala baphindele kule ndawo bathola ukuthi abantu bayaqhubeka nokwakha, base bediliza izindlu ebezakhiwe, yilapho ke umphakathi uqale khona udlame base bayazivikela besebenzisa izinhlamvu zenjoloba abasebenzi bakamasipala,” kusho uMayisela.
Ikhansela lendawo, uMnuz Joseph Khuboni, lithe libhekene nenselelo ngoba amalungu omphakathi akha ngokungemthetho.
“Uma uzokwakha endaweni kumele uthole incwadi kimi ukutshengisa ukuthi uvumelekile ukwakha kuleyo ndawo manje akwenzeki njalo ngoba uvuka ekuseni sekunomjondolo obungekho,” kusho uKhuboni.
Amalungu omphakathi athe azobhikisha uma uMasipala weTheku uqhubeka nokudiliza imijondolo yawo.
Abadutshuliwe bathe bawavulile amacala kodwa bebengakazitholi izinombolo zamacala.