BATHOLE ithuba lokuhlonyiswa ngolwazi lokuqala amabhizinisi, ukukhangisa nezinto ezithinta ukusebenza komthetho abantu abasha baKwaMaphumulo, emhlanganweni obusemahhovisi akulo masipala.
Lo mhlangano obusingithwe ngokubambisana yihhovisi lophiko olubhekele ukuthuthukiswa kwentsha kulo masipala, yihhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal, izikhulu zikahulumeni ezivela eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana, owezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha neziNdaba zeMvelo kanye nowezoLimo, abantu abasha bathole ithuba lokufundiswa nokuchushiswa ngezinyathelo abangazithatha ukuqala amabhizinisi nokuphathwa kwemali.
Bewuhanjelwe nangabamele amabhizinisi nezinhlangano ezizimele.
Ethula inkulumo yakhe eyibhekise entsheni ebisemhlanganweni oyiMeya kulo Masipala, uNkk Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, uzibophezelile ekutheni umasipala uzobaxhasa abantu abasha abangosomabhizinisi ukuze bafeze izinjongo zabo.
“Ngikholwa ukuthi abantu abasha abanjengani, bayikusasa lomnotho walo masipala. Ngiyajabula ukubona ukuthi yikuphi enizokuzuza eminyakeni ezayo. Sikholwa ukuthi abantu abasha banomfutho nobuhlakani obudingekayo ukukhulisa umkhakha wezamabhizinisi emhlabeni,” kusho uNkk Khuzwayo-Dlamini.
Uthe uphiko olubhekele ukuthuthukiswa kwabantu abasha kumasipala luyakuqonda ukubaluleka kwendima yosomabhizinisi abasebancane ekukhuliseni umnotho nokudala amathuba emisebenzi, yingakho bebalekelela ngezinsiza ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi bayaphumelela.