UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMnuz Bheki Cele usephosele inselelo wonke amaphoyisa akuleli ukuba abhukule anqande ubugebengu obunhlobonhlobo obubonakala bugubazela izwe lonke.
UCele ukuchaze njengezindaba ezimbi ukukhula mawala kobugebengu obunhlobonhlobo eNingizimu Afrika.
Ubethula izibalo zakamuva zobubugebengu, kusuka ngoJanuwari kuze kube wuMashi.
“Kumele sonke senze isiqiniseko sokuthi sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyabugwema manje lobu bugebengu obobonakala bukhula mawala,’’usho kanjena.
Eqhulwini kuvele ukuthi izinga lokubulawa kwabantu liphinde lenyuka futhi kulesi sigaba sonyaka.
UGeneral Norman Sekhukhune, uthe zibonakala zinyukile izibalo zobugebengu kulesi sigaba. Uveze ukuthi amacala okubulawa kwabantu abikiwe emaphoyiseni anyuke ngo-1137.
“Lezi zibalo zokubulawa kwabantu zichaza ukuthi ukubulawa kwabantu eNingizimu Afrika yonkana kunyuke ngamaphesenti angu-32, okuyinto engeyinhle,’’kusho uGeneral Sekhukhune. Amacala okuzama ukubulala wona anyuke ngo-1135.
Amacala amayelana nezocansi abikiwe nawo anyuke ngo-1 666. Kulezi zibalo kuvele nokuthi eziteshini zamaphoyisa ezingu-30 amacala okubulala nokudlwengula abikwe kakhulu.
UCele ukhale nangokunyuka ngo-11 000 kwamacala okudlwengula.
“Kuzona zonke lezi zehlakalo zokudlwengula, kuvela ukuthi ezingu-4 400 zenzeka emizini yabantu abasuke beyizisulu,’’kubeka uCele.
Uveze ukuthi isiteshi samaphoyisa saseNanda nesaseLusikisiki yizona ezibonakala zihamba phambili uma kukhulunywa ngamacala okudlwengula.
Amacala okuthunjwa kwabantu nawo anyukile njengoba kuvela ukuthi lo mkhuba udla lubi kakhulu eGauteng.
UCele uveze ukuthi izigameko ezilinganiselwa ku-3 300 zokuthunjwa kwabantu ezibikiwe emaphoyiseni, zenzeke eGauteng.