ISIBONGO sakwaDlamini ngesinye sezibongo ezidumile eNingizimu Afrika, ngenxa yosaziwayo abadabuka kulesi sibongo abanjengoMinnie Dlamini, uNgqongqoshe wezabesiFazane neziNgane uNkk Bathabile Dlamini, owayengukaputeni weBanyana Banyana u-Amanda Dlamini nesishoshovu somfundi uMcebo Dlamini.
Ngaphezu kwalokhu, lesi sibongo sesidume ngokuhamba phambili ekukhiqizeni izingane ngonyaka owedlule.
Lesi sibongo kuvele ukuthi sizihambela sodwa ngezingane ezizalwe ngonyaka odlule. Besingaqali ukuqengqeleza phambili njengoba nango-2014, 2015 nango-2016 sasizihambela sodwa.
Lezi zindaba zidalulwe kwiRecorded Live Births 2017 ngabeStatistics South Africa kuleli sonto.
Umbiko wabeStats SA ugxile ezinganeni ezizalwe futhi zabhaliswa eMnyangweni wezaseKhaya kuleli.
Lo mbiko ukhuluma ngezingane ezibelethwe nyakenye nezitholwe ngenyanga kaJanuwari nekaFebhuwari kulo nyaka. AbeStats SA bathe zingu-6 243 izingane ezizalwe ngabantu bakwaDlamini nyakenye eNingizimu Afrika namaphethelo, ngaphezu kwezingu- 5 722 ngo-2016, 6 497 ngo-2015, nezingu- 6 281 ngo2014, ezatholwa ngabantu bakulesi sibongo kule minyaka bebodwa nje.
“UDlamini yisona sibongo esitholakale kubo bonke ubulili, kwalandela esakwaNkosi noNdlovu. Zonke izibongo ezikleliswe kweziyisihumi ngezabeNguni, ngaphandle kukaMokoena ophume isithupha,” kusho lo mbiko.
Ezinye izibongo ezingu-9 ngesakwaNkosi, Nldovu, Khumalo, Sithole, Mokoena, Mkhize, Mahlangu, Ngcobo noMthembu.
Kuphinde kwavela nokuthi igama elihamba phambili KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape uma kuqanjwa ingane, u-Enzokuhle njengoba ziyinqwaba izingane ezethiwe leli gama. Lilandelwe wuMelokuhle, Lubanzi, Lethabo, Amogelang noBandile.