INKOSI uBryce Mthimkhulu yesizwe saMaHlubi ithi intshisekelo yokusiza abantu abahlwempu yiyona eyenze yahlangana namanye amakhosi kwasungulwa iqembu elizongenela ukhetho ngonyaka zayo.
Isiphithiphithi samaqembu silokhu siqhubeke njalo njengoba izwe libheke okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo. Ukhetho lubhekwe ngabomvu, wonke amaqembu athembisa izulu nomhlaba kubavoti.
Inkosi ithe baphezu kwemizamo yokuba nomcimbi omkhulu enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida, eThekwini phakathi kukaJanuwari 20 kuya ku-27 ngonyaka ozayo. Ithe kodwa ngeke kuze kushaye uFebhuwari uphele kungenzekanga.
Isolezwe lihlolile lathola ukuthi iqembu elishiwo yinkosi liyavela ohlwini lwe-IEC njengeqembu elibhalisile. Inkosi ithe kunesigungu samakhosi esibizwa nge-United House of Monarch kodwa sona asilona iqembu lezepolitiki kulapho abahlangana khona.
Inkosi uMthimkhulu ithe i-African Rennaisance Unity (Aru) isungulwe yabhaliswa ngo-2019 kodwa kwangangeneka kahle okhethweni ngoba isikhathi sase singavumi. Inkosi ithe bafuna nokuthi izwi labaholi bendabuko lizwakale, bameleleke kuhulumeni.
“Mina ngingumuntu osiza abantu kakhulu ngezindlela ezehlukene, ngifundisa izingane mahhala futhi nginikele ezinhlelweni ezehlukene. Ngibone ukuthi kufanele singenele ukhetho ukuze yonke le misebenzi siyenze ngaphansi kweqembu,’’ kusho inkosi.
Ikhale kakhulu ngenkohlakalo ethe idla lubi, yathi kufuneka amakhosi ngoba wona asondelene nabantu futhi athembekile. Ibuzwa ngokuthi akulona yini elinye lamaqembu angoqhibukhowe avela ngokhetho kuphela, inkosi ithe ayinaso isizathu sokwenza lokho.’
“Ngikahle mina angixakekile kangako kodwa ngibona kufanele ngisize abantu ngendlela ethe thuthu. Umuntu ongabe esho njalo ngabe ezibhedela nje,’’ kusho inkosi.