INKOSI isikhiphe umyalelo wokuthi abazalwane bebandla lamaRoma aKhatholika eSt Michael’s eNdonyane Mission, bayeke ukukhonza kuze kuhambe uFata osolwa ngenkohlakalo kuleli bandla.
INkosi uMbuso Ngcobo wesizwe samaNyuswa eMgangeni, okuyindawo leli bandla elingaphansi kwayo, uthi akafuni kuze kuchitheke igazi njengoba lo Fata ebhekene ngeziqu zamehlo nabazalwane abamsola ngoxhaxha lwenkohlakalo.
UFata Vusi Sokhela unqaba uyaphetha ukuphuma kule Mishini.
UNgcobo uthe kuzokuma ukukhonza kuze kube uSokhela uyahamba emagcekeni aleli bandla.
USokhela sekunesikhathi amalungu aleli bandla ekhala ngaye ukuthi ufike waxova amalungu aleli bandla ngaphandle kokubonisana nawo, izinto zamapeketwana.
“Lesi sinqumo ngisithathe emveni kokuthi ngibe nomhlangano noMbhishobhi (uPius Dlungwane) no(Fata Alexus) Madela ngoLwesine olwedlule,” kusho uNgcobo.
Uthe kulo mhlangano ucelwe yibandla ukuba angenelele njengeNkosi ngoba kubonakala ukuthi isimo siyaqhubeka nokuba manzonzo.
“Emhlanganweni bekugcwele kunyinyitheka namalungu ebandla azwakalise ukuthi isimo sibi kakhulu, uSokhela akahambe,” kugcizelela uNgcobo.
Uthe ngenxa yokuthi yena umi nesizwe sakhe, yingakho egcine ethathe isinqumo sokuthi amise ukukhonza ngoba esabela ukuchitheka kwegazi nokuphuma kwezidumbu.
NgokukaNgcobo, uDlungwane ubethembise ukuthi uzomsusa uSokhela eMishini, abuyise uFata obevele ephethe kule ndawo.
“Emva kokuthi ngizwile ngamalungu ebandla ukuthi uSokhela usekhona eMishini, ngikhiphe umyalelo wokuthi kume ukusonta,” usho njalo.
Ngaphandle kokuthi naye ukhulele kulona leli bandla kule ndawo, uNgcobo ukugcizelele ukuthi ngeke asilahle isizwe sakhe uma sikhala kuye ngento engalungile naye ayibonayo, hhayi ngoba echemile.
Ngokwakhe, kuzokuma ukukhonza kuze kube kuba nesiqiniseko sokuthi uSokhela usephume waphela emagcekeni akuleli bandla.
UNgcobo uthe kuyaqala ukuthi udaba lwebandla luhlalelwe enkantolo yesizwe selokhu kwathi nhlo.
Ebuzwa uMadela ngoSokhela okukhalwa ngaye, uthe ngeke avume okanye aphike ukuthi usekhona yini eMishini.
Kodwa uphinde waziphikisa uma ethi ngokwazi kwakhe, engxoxweni yabo neNkosi namalungu ebandla, kwaba wukuthi uSokhela uzoqhubeka nokuhlala emagcekeni aleli bandla kodwa angasontisi.
Usole abazalwane ababeyingxenye yomhlangano ngokuthi beza ngobuningi babo bebe bengamenywanga kulo mhlangano athi wawuphakathi kobuholi bebandla namakhosi ahlukene ngenhloso yokuxazulula lolu daba.
“Mhlawumbe abantu bajatshuliswa wukuthi kuthiwe sekuzobuyiswa uFata obevele ephethe bazitshela ukuthi uSokhela usezophuma eMishini,” kusho uMadela.
Ebuzwa ukuthi yini ayaziyo ngomyalelo weNkosi njengoba ithe akume ukusonta kule ndawo, uthe ngokwazi kwakhe kuyaqhubeka futhi kusazoqhubeka.
“Vele asikulindele ukuthi abantu baphelele ngobuningi babo uma kukhona iziphithiphithi,” usho njalo.