SEKUPHELE amasonto amathathu nezinsuku siduve emakhazeni isidumbu somfundi oneminyaka engu-13 okuthiwa wazikhunga esihlahleni esingemuva komuzi wakubo oseDumaneni, oLundi.
USizwe Luthuli, obefunda uGrade 6 esikoleni samabanga aphansi, eKujulukeni Primary, washona ngoFebhuwari 27.
Kubikwa ukuthi wabonwa wumalume wakhe elenga esihlahleni, wahlaba umkhosi ebikela ababesendlini kwabizwa namaphoyisa.
Kuthiwa okubambe ukuthi uSizwe angcwatshwe wukuthi abazali bakhe abatholakali nakuba bazi ngokushona kwakhe.
Kuvela ukuthi ingane ikhuliswe wugogo wayo emzini wakwaSikhakhane eDumaneni yize yayingahlawuliwe futhi ingakaze yenzelwe isiko.
Kubikwa ukuthi unina wengane ucingwe watholwa eMelmoth kodwa wabuye wazihambela ethi uyobika etohweni lakhe manje akasatholakali kanjalo noyise.
Umndeni wakomalume kaSizwe, ongowakwaLuthuli, uyazihlangula uthi awukaze waziswe ngokukhulelwa nangokuzaleka kwakhe futhi kabamazi nasebusweni ukuthi unjani njengoba sekufika abakwaSikhakhane eseshonile bethi abamngcwabe.
UNksz Bongiwe Sikhakhane, ongubabekazi kaSizwe, uthe sebeze bathatha isinqumo sokucima amakhandlela ngoba awukho umnyakazo owenzekayo ukuze kungcwatshwe umufi.
“Siyasaba ukuzithathela isinqumo sokungcwaba uSizwe ngokwethu ngoba siyoba nenkinga mhlazane sekufika abakubo komalume wakhe sebethi ingane ngeyabo.
“Sibabikelile kodwa bazihlangula. Abazali bengane sabalanda baphinde banyamalala, abasatholakali asazi kumele senzenjani,” kusho uNksz Sikhakhane.
Uthe basola ukuthi uSizwe uzikhunge ngenxa yengcindezi abenayo yokungakhuliswa ngabazali bakhe.
Umalume kaSizwe, elingatholakalanga igama lakhe, usole abakwaSikhakhane ngokudelela, ngokubaqhamukela ngaphezulu, sebethi abangcwabe ingane abangakaze nangelilodwa ilanga baziswe ngayo.
Lo mndeni uthe kwanina wengane akaze asho lutho ngokukhulelwa kwakhe uSizwe okwathi noma esezelwe wangabatshela lutho.
“Akukho muntu olwa nabakwaSikhakhane. Kumele bazibonele. Ingane asiyazi kwaLuthuli ikhulelwe, izelwe, izogxoba nje emagcekeni akwaLuthuli. Sebeqhamuka sebethi asingcwabe ingane abangazange bazihluphe isaphila ngokuthi siyazi?
“Singabantu abaphila isintu futhi abalandela amasiko, kumele kuqalwe ekuqaleni kuthunyelwe omalume (bakwaSikhakhane), bazilahle, baxolise ngokuthi bonile, balungise izinto,” kusho umalume wengane.
Uthe kabanayo inkinga yokuthi abakwaSikhakhane bangcwabe ingane kodwa emuva kwalokho kumele beze kwaLuthuli kuzohlalwa phansi kuxoxwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asoLundi ayaphenya emuva kokutholakala komfana ona-13 elenga esihlahleni emzini wakubo.