UZOBHEKANA nomqansa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uma iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, isilalela isicelo sakhe sokuba angaboshwa namhlanje.
UZuma uhlulekile ukuzinikela emaphoyiseni zingakapheli izinsuku ezinhlanu abezinikeziwe ukuba ayoqala ukudonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 asigixabezwa yiNkantolo yoMthethosisekelo.
Kunalokho, uZuma uvele wanikela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, wayofaka isicelo sokuba le nkantolo ikhiphe isivimbelo esinqanda uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuba ambophe.
Lesi sicelo sizolalelwa namhlanje.
Abanye abangasiphikisanga lesi sicelo wuMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa noKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole.
Amaphoyisa anikezwe izinsuku ezintathu ukuba abophe uZuma.
Yize uCele engasiphikisanga isicelo sikaZuma, kepha izinhlangano ezimbili sezifake amaphepha asiphikisayo.
IKhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana nehlangano engenzi nzuzo, iHelen Suzman Foundation, bafuna uZuma aye ezikhindini.
Ikhomishini eholwa iJaji uRaymond Zondo, isiyalele le nkantolo ukuba isichithe isicelo sikaZuma.
Emaphepheni asenkantolo, ikhomishini ithi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, kayinawo amandla okuchitha isinqumo esikhishwe yiNkantolo yoMthethosisekelo, enqume ukuthi uZuma kufanele aboshwe.
Kula maphepha afakwe wumabhalane wekhomishini, uMnuz Itumeleng Mosala, ikhomishini ithi inkantolo enkulu ingakwazi ukuguqula kuphela isinqumo sayo, hhayi isinqumo esikhishwe yinkantolo engaphezu kwayo.
“INkantolo yoMthethosisekelo kufanelwe ihlonishwe.”
Le khomishini iphinde yachaza isicelo sikaZuma njengeminye yemizamo yokubambezela. Ikhomishini ithi uZuma uyaziwa ukuthi uyathanda ukusebenzisa amaqhinga okubambezela uma ebhekene namacala.
“Inkantolo akufanele ukuvumele lokhu.”
Ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala weZikalala Attorneys, uthe uZuma angalala ezikhindini uma engase alahlwe yile nkantolo namhlanje.
“Uma inkantolo ingase imchithe, akukho okuzokube sekunqanda amaphoyisa ukuba ambophe. Amaphoyisa kungafanele ambophe lungakapheli usuku. Uma ehluleka ukwenza lokho, kuyokube nabo abaphathi bawo sebephule umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.’’
Kusukela iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha isigwebo ngesonto eledlule, abalandeli bakaZuma bayafunga bayagomela ukuthi angeke bavume ukuthi uZuma aboshwe.
NgoMsombuluko, iNkantolo yoMthethosisekelo izolalela isicelo sikaZuma sokuba kuchithwe lesigwebo.