INkantolo eNkulu eThekwini, ivune iDA yabe isiyalela imenenja kaMasipala eMdoni, ukuthi ikhokhele izindleko zecala embangweni wesihlalo sekhansela esigungwini esilawula umkhandlu.
I-DA ibimangalele umasipala iwusola ngokukhwabanisa isihlalo sayo ngokusinikeza i-ANC.
Ijaji alihlalanga isikhathi eside lifike lamemezela ukuthi isinqumo salo sivuna iDA, lase lifunda amaphepha lapho lenabe khona ngesinqumo, labhala phansi laphuma.
UMasipala Umdoni ozinze eScottburgh, ungaphansi kwesifunda Ugu, uphethwe amaqembu ngokubambisana kanti udaba lwezibalo zezihlalo luyinto enkulu. Alikho iqembu elakwazi ukunqoba umasipala ingcaca emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.
Isihlalo esigungwini esiphezulu esilawula umkhandlu siyinto eqavile ngoba sinamandla okubeka iphuzu uma kuthathwa izinqumo.
Umbango wesihlalo uhambe waze wafika enkantolo okuyiyona enqume ukuthi iDA ibuyiselwe kusona. Ngesikhathi kuzokhishwa isinqumo bekukhona izikhulu zeDA esifundazweni okunguSihlalo wayo uMnuz Dean Mcpherson, namakhansela aseMdoni.
UMcpherson uthe bayajabula kakhulu ngokuthi ekugcineni kwenzeke ubulungiswa odabeni ababekade bekhala ngalo.
“Okubaluleke kakhulu wukuthi imenenja kamasipala izophoqeleka ukukhokhela izindleko zenkantolo ngemali yayo ngoba ijaji likholwa wukuthi izinto azenziwanga ngendlela efanele,’’ kuchaza uMcpherson.
Uqhube wathi uyabona ukuthi bekuzanywa ukuqhwaga isihlalo sabo esigungwini esiphezulu kodwa bona, bebengeke bakuvume lokho yingakho beye enkantolo. UMcpherson uthe osekusele wukuthi umasipala uthobele isinqumo senkantolo, ulungise umonakalo owenzeka phambilini, ngokuthi ufake ikhansela leDA endaweni efanele.
Umholi wekhokhasi yeDA eMdoni, uNkk Shara Singh, uthe banqobile futhi babonga inkantolo ukuthi yenze ubulungiswa. Uthe baxwayisa kaningi ngesinqumo sokuqhwaga isihlalo seDA kodwa akekho owake wabalalela njengoba baze baya enkantolo.