INKANTOLO yezoKhetho ichithe isinqumo senhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), sokukhipha igama lowayengumengameli, uJacob Zuma, ohlwini lwabaya ePhalamende.
Igama likaZuma lakhishwa ohlwini emva kwezikhalo zabantu ababethi uZuma akakulungele ukuya ePhalamende ngenxa yokuthi useke wagwetshwa izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.
Umthetho awuvumi ukuthi umuntu oseke wagwetshwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 aphathe isikhundla kuhulumeni.
UZuma wabe esekuphonsela inselelo ukukhishwa kwegama lakhe.
Icala belilalelwe ngoMsombuluko.
Amajaji amahlanu abelalele icala anqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhishwa kwegama likaZuma ohlwini.
Amajaji awasidalulanga isizathu sokuchitha isinqumo sokukhishwa kwegama likaZuma.