Yethule ngokusemthethweni uhlelo lokubuyisela emphakathini entulayo inkampani yonogada, iTone Touch Star Security ephethwe ngusomabhizinisi, uMnuz Phumlani Dlamini odume kakhulu ngelikaMngcwabo uyahlehla.
UDlamini uthe ufisa ukuthi le nkampani ibonakale iklama indima enkulu ekutheni imindeni eminingi yasemakhaya entulayo, ikwazi ukubeka isinkwa phezu kwetafula.
Ubekhuluma ngesikhathi enze umcimbi wokwethula ngokusemthethweni kohlelo lwale nkampani lokulekelelwa kwabantulayo ngamagilosa okudla nyanga zonke.
“Ngeke sigcine ngamagilosa kodwa sizophinde silekelele nakuleyo mindeni eswela imali yokuyisa abantwana ezikoleni.”
Lo mcimbi ubewulumbanise nokubonga abasebenzi bayo ngendlela abasebenza ngokuzikhandla ngayo kanjalo nangokwathembeka.
“Ngikholwa ukuthi kumqoka kakhulu ukuthi osomabhizinisi bakubeke phambili ukubuyisela emphakathini abakuwona,’’ usho kanje.
UDlamini udalule nokuthi le nkampani igxile kakhulu ekuqasheni labo bantu abavela ezindaweni ezisemakhaya.
Uthe akumele bakhishwe inyumbazane abantu abasezindaweni ezisemakhaya uma kukhulunywa ngamathuba emisebenzi.
"Ngikholwa ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amathuba omsebenzi ayafinyelela nakulabo bantu abasezindaweni ezisemakhaya. Iqiniso ukuthi abantu abasezindaweni ezisemakhaya nabo bayakudinga ukuqashwa,'' usho kanjena.
Uthe kuyena kuhlale njalo kuyinto eseqhulwini ukuqashwa kwabantu abavela ezindaweni ezisemakhaya.
"Uma kukhona esingakwazi ukuthi sikwenze ukuze kulekelelwe abantu abasemakhaya kumele sikwenze lokho ngaphandle kwenkinga,'' usho kanjena.
Uthe ufisa ukuthi inkampani idlondlobale ngokuphindiwe ukuze sizokwanda nesibalo sabantu abaqashwayo kuyona.
Uveze ukuthi baseNewcatsle kanjalo naseJappestown, eGoli bakhona nakhona. Okwamanje uveze ukuthi bangu-80 abantu abaqashwe yile nkampani.
Isifiso sakhe esikhulu uthe ufuna ukuthi lesi sibalo sigcine sesiphendike noma kube yikathathu ukuze bezokwanda abazohlomula ngamathuba omsebenzi.
''Sifisa ukuthi sikhule sifinyelele nakwezinye izindawo ezikhona KwaZulu Natal. Lokho kuyisisiza kakhulu ekutheni sikwazi ukuthi siqashe abantu abaningi abavela ezindaweni ezisemakhaya,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka engu-7 yabakhona le nkampani njengoba bayiqala ngoJune 2018.