INKAKHA kwezamaciko ikhala ngensila yobandlululo esekhona ebhekiswe ezindaweni zamaciko ezisemphakathini yasemakhaya.
UMnuz Edmund Mhlongo, ongumdidiyeli, umbhali osemnkantshubomvu, wemidlalo eminingi, nophinde abe ngumsunguli wesizinda samaciko, esidumile esesikhiphe amaciko amaningi, iK-Cap Art Centre KwaMashu.
Enkulumweni ayethule kwinkomfa yamaciko KwaZulu-Natal, ebibanjelwe, eCoastlands Hotel, eMhlanga, ngoLwesithathu ukhale kakhulu ngensila yobandlululo, engakapheli namanje.
Uthe le nsila yiyona eyenza izizinda zamaciko, namaciko asemphakathini asezindaweni zasemakhaya angayi phambili, futhi angathuthuki.
“Ukungalingani namanje kusekhona, insila yobandlululo ayikapheli.Iyasilimaza kakhulu singamaciko lento, ngoba yenza nokuthi uxhaso singalutholi ngokulinganayo.”
“Izindawo ezithola uxhaso oluningi yilezi ezazikhona kusukela ngezikhathi zobandlululo, ezisemadolobheni. Bese kuthi lezi ezisemakhaya kubantu, zinikwe imali encane.”
“Izindawo zasemakhaya yizona ezenza umsebenzi omkhulu. Iyasilimaza kakhulu lento, yenza singayi phambili“,kuqhuba uMnuz uMhlongo.
Eqhuba, uthe kuyimanje basetafuleni nomnyango badingida lona lolu daba lokucwasa nokungaxhaswa ngokulinganayo kwezindawo zamaciko.
“Sisidlulisile isikhalo sethu kumnyango ngalo ludaba, siyathemba luzoxazululeka ukuze kwande nezindawo zamaciko KwaZulu-Natal, kubo bonke omasipala kufanele kube nendawo yamaciko esezingeni elifanele, ” kuphetha okaMakhedama.