KUCHAZEKE iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini kuqanjwa ngaso umgwaqo oya entabeni enomlando obalulekile, iSandlwana.
Ukuqanjwa komgwaqo obuwaziwa ngo-P372 ngeSilo esisesihlalweni kuyingqophamlando njengoba lesi kuyisakhiwo sokuqala ukuba siqanjwe ngeNdlulamithi yamakhosi.
Isimemezelo sokuthi umgwaqo usuzobizwa ngeMbube senziwe emcimbini obungoLwesihlanu, eNguthu, lapho iMbube ihlabe khona isoyi lokwakhiwa kabusha kwalo mgwaqo.
Ukwakhiwa kabusha komgwaqo kubhekwe ukuthi kuphele ngasekuqaleni kuka-2027. Uma usuphelile, uyokube usubizwa ngeSilo.
Intaba iSandlwana ibalulekile emlandweni kaZulu njengoba uZulu anqoba amaNgisi kuyo le ntaba, ngo-1879.
INdlulamithi yamakhosi ithe kuyijabulisile ukuba umgwaqo oya entabeni enomlando ongaka uqanjwe ngaso.
"Isona sakhiwo sokuqala lesi esizobizwa ngegama lami, nami ngiwumuntu namhlanje. Kusho lukhulu kimi lokhu. UNkulunkulu usibusisile. Isibusiso uNkulunkulu athe wasehlisela kuthina siyasemukela ngezandla zombili."
Ukwakhiwa kabusha komgwaqo kwakuyisicelo seSilo esesabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
"Kuyangijabulisa ukuthi namhlanje ngizoqedela umsebenzi owaqalwa ubaba wami."
IMbube ithe ukuthuthukiswa komgwaqo kuzolekelela kwezokuvakasha kuphinde kuthuthukise nomnotho.
"Ngiyabajabulela abantu basesifundeni uMzinyathi, okuyibona abazohlomula kakhulu. Ukuxhumana sekuzokuba lula, nokuya ezibhedlela sekuzokuba lula."
IMbube ithe ifisa ukuba kungabi nazihibe ekwakhiweni kabusha komgwaqo.
"Ngiyacela kuwo wonke amakhosi ake aphile, namabutho alwa lapha eSandlwana, elwela leli lizwe, ukuthi ubusiseke lo msebenzi, nawo amabutho awugade umsebenzi."
UMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, uthe kuwufanele lo mgwaqo ukuba uqanjwe ngeSilo.
"Ngiyathemba ukuthi uZulu wonke uyojabula."
UDuma uthe uhulumeni ubeke eceleni u-R400 million, wathi osomabhizinisi bendawo bazohlomula u-R106 million.
"Imbokodo kufanele ihlomule kule mali, singayibangisi. Intsha nayo kufanele ihlomule, kanjalo nalabo ababelwela inkululeko."
UDuma uthe kuzodaleka amathuba emisebenzi angu-130.
"Kunabantu abangu-130 esizobathatha lapha eNquthu. Bazokube besebenza kulo mgwaqo, bewugadile. Imali nje ezoholelwa abantu bendawo u-R30 million."
UDuma uthe ukwakhiwa komgwaqo kuzohlomulisa abantu abaningi.
"Sizoshiya lapha sakhe nanemigwaqo emincane engenela ezitolo zendawo. Lona umgwaqo obalulekile ngoba uthinta indlunkulu, sizohlezi siwugadile. Njalo nje uma siqhuba uhlelo lokuhlola, sizokuza sizowuhlola lomgwaqo."