KWENZEKE okungajwayelekile owe-IFP ebonga enconcoza kowe-ANC kulandela ukunikwa isizumbulu sikaR235 million.
IMeya yaseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ibonge uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, emva kokuthi ememezele ngokusemthethweni ukuthi uMasipala waseZululand unikwa le mali ukuze uthuthukise ingqalasizinda yamanzi.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba uButhelezi uzwakalise ukubonga kwakhe ngesikhathi umasipala unomhlangano wesigungu ngoLwesibili.
UButhelezi kuthiwa uphinde wadlulisa okukhulu ukubonga kwiNgonyama uMisuzulu kaZwelithini, kwazise yabe iyingxenye yomhlangano uButhelezi abanawo noMchunu kudingidwa udaba lwenkinga yamanzi kulo masipala.
"Sifuna ukudlulisa ukubonga okukhulu koNgangezwe lakhe njengoba le mali ingeke isebenze ukuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi kuMasipala waseZululand kuphela kodwa nowaseMkhanyakude ngokunjalo," kusho uButhelezi.
Echaza kafushane ukuthi imali izokwenzani, uButhelezi uthe: "Le mali eqhamuka eMnyangweni wezaManzi izofaka amapayipi azoxhuma amanzi aphehlwa eMandlakazi Water Works agcine efike KwaHlabisa naseMkhuze ngaphansi koMkhandlu uMkhanyakude."
Ugcizelele ukuthi udlulisa ukubonga okukhulu eSilweni okuyiso esikhalele imiphakathi yaseZululand naseMkhanyakude ngenkathi uNgqongqoshe wezaManzi ezokotha iSilo KwaKhangela.
OyiPhini likaMqondisi jikelele eMnyangweni wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Risimati Mathye, uthe banikeze lomasipala imali eyengeziwe ngoba wenze isicelo sokuthi kuqhutshekwe nomsebenzi wokuqedela iprojekthi yaseMandlakazi esesigabeni sesihlanu nesesithupha.