KUDONSWE ngendlebe amalungu omphakathi ukuthi angakokoteli ugesi njengoba kwethulwe uhlelo lokwakhiwa kwesiteshi esiphehla ugesi eMatsheketshekeni nesizosabalalisa ugesi eNewcastle.
Lesi siteshi kulindeleke ukuthi siphothulwe ngo-Ephreli 2024 kanti sizolekelela ekwehliseni ingcindezi eDicks Halt naseJobstown. IMeya kaMasipala waseNewcastle, uMnuz Xolani Dube, inxuse umphakathi ukuthi ungaphazamisi ukusebenza kwamamitha kagesi ngoba lokho kubuyisela emuva uhlelo lwentuthuko.
Lokhu kulandela ukuthi izindawo eziningi zinogesi okokotelwe kuleli nokwenza i-Eskom ilahlekelwe bese iyehluleka ukusabalalisa ugesi ngendlela.
"Ukukokotela amamitha akukona nje ukwephula umthetho kodwa kucekela phansi intuthuko ezweni futhi kusibeka nasengcupheni yokungabinawo ugesi. Ne-Eskom uqobo izogcina yehluleka ukusabalalisa ugesi ngendlela emiphakathini ngenxa yokushoda kwemali," kuxwayisa uDube.
Oyimenenja e-Eskom, uMnuz Reggie Dlamini, uthe lesi siteshi saseMatsheketshekeni sizolekelela ukusabalalisa ugesi futhi sisize ukunciphisa ukunqamuka kwawo. UDlamini uthe kuzophinde kusize ekufakeleni amakhasimende amasha ugesi ngaphandle kokushoda kwamandla.
IPhini leMeya eliphinde libe ngusihlalo wezemisebenzi yezobuchwepheshe, uMnuz Musa Thwala, lithe lolu hlelo aluzogcina ngokuletha intuthuko kodwa kuzokwakheka namathuba emsebenzi.
UThwala uthe izakhamuzi zaku-ward 6, 7, 12, 18, 31 no-33 iningi lazo lizokwazi ukuxosha ikati eziko ngamathuba omsebenzi azovela.
Yize kwakhiwa kodwa sezikhona nezakhamuzi eziwu-5 700 ezifakelwe phambilini nokwenza isiteshi esidala sisindelwe ngenxa yokwanda kwemizi edinga ugesi.