WEHLULEKILE ukuzibamba izinyembezi uNksz Thobile Radebe waseMelville KwaDukuza ngoLwesithath ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni indlu yakhe entsha.
Le ndlu eqalwe phansi kabusha uMasipala waKwaDukuza inamakamelo amabili, indlu encane enendawo yokugeza, ikhishi negumbi lokuphumula.
Echaza kafishane ngobunzima abhekane nabo, uNksz Raadebe uthe bese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka engasahlali kulendlu, esaba ukuthi ayisaphephile.
“UKhisimusi odlule ngawudla ngihleli ezihlotsheni, zingikhoselisile. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi uKhisimusi walo nyaka ngizowudlela ekhaya, ngaphansi kophahla oluhle,” kusho uNksz Radebe.
Uveze ukuthi emva kokushiya kwakhe le ndlu ayohlala ezihlotsheni, wayelokhu eyiphela endlebeni ekhanseleni lendawo, lagcina selimziba.
“Nokho ngiyajabula ukuthi konke lokho kudlulile, isikhathi sosizi nenhlupheko sisele emumva manje,” kusho Nksz Radebe.
Imeya kaMasipala waKwaDukuza, uNkk Lindiwe Nhaca, ihalalisele uNksz Radebe isho ukuthi yize ebebona sengathi ikhansela alilusukumeli phezulu udaba lwakhe kodwa beyilusebenza ezinhlakeni zikamasipala.
Uqhube wanxusa uNksz Radebe ukuthi ayiphathe kahle indlu yakhe entsha angayidayiseli omunye umuntu noma aqashise ngayo.
“Lokho akuvumelekile futhi kubanga izingqinamba eziningi ezifana nokuthi awube usaphinde uwuthole omunye umhlomulo wendlu kuhulumeni njengoba umuntu ewuthola kanye. Kwezinye izikhathi uthola ukuthi neziqashi zigcina zizinweba izindlu, bese ziyagoloza ukuphuma uma sekufanele ziphume,” kusho uNkk Nhaca.
UNkk Nhaca ube eseveza ukuthi okudale ukuthi balusukumele phezulu udaba lwendlu kaNksz Radebe ukuthi ibisesimeni esingabeka impilo yakhe engcupheni.
Uthe lokhu kudalwe ukuthi lezi zindlu okwangenwa kuzo ngo-2005, zazingakhekanga ngendlela efanele, kwabuye kwaba nemvula enamandla eyenza isimo sasibi kakhulu.
Uthe basohlelweni lokuthi bazilungise nezinye ezinenkinga efanayo ezingaphansi kwalo masipala.
Ikhansela lendawo, uMnuz Njabulo Mntambo, lithe kuyalijabulisa ukuthi uNksz Radebe usenophahla oluphephile.
Uvumile ukuthi ubebuye angayiphenduli imiyalezo kaNksz Radebe ngoba ubenqena ukulokhu ebuyisa impendulo eyodwa yokuthi akukalungi.