KUBE yintokozo enkulu kwabePhalamende ukusinda kwenduku yethusi emlilweni oshe kulesi sakhiwo sikahulumeni izinsuku ezimbili luleli sonto.
KUBE yintokozo enkulu kwabePhalamende ukusinda kwenduku yethusi emlilweni oshe kulesi sakhiwo sikahulumeni izinsuku ezimbili luleli sonto.
Le nduku ithathwa njengophawu olubalulekile ePhalamende ngoba yiyo egunyaza ukuhlala kweNational Assembly.
Emva kokutholakala kwayo ingenalutho, inikezelwe kuSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula noSihlalo wendlu yoMkhandlu weziFundazwe, uMnuz Amos Masondo.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo uthe umlilo awuyitholanga nakancane le nduku.
“Lezi zikhulu eziphezulu zikuqinisekisile ukuthi imizamo yokusindisa le nduku ngoLwesithathu emva komlilo oshe izinsuku ezimbili iphumelele. Ilandwe endaweni ephephile egcinwa kuyo, kwatholakala ukuthi umlilo awuyithintanga,” kusho uMothapo.
U-Mothapo, Nkk Mapisa-Nqakula noMasondo bakuncomile ukusebenza kwezicishamlilo ezisebenze ngokuzikhandla zicisha umlilo.
UNkk Mapisa-Nqakula uqinisekise umphakathi ukuthi izinhlelo zePhalamende okubalwa inkulumo yesizwe kaMengameli ngeke ziphazamiseke.
Uthe amaphoyisa aphenya ngokwenzekile futhi nabo bazohlangana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthola ukuthi kwenzekani ngelanga okwaqubuka ngalo umlilo.
Uveze ukuthi bayasola ukuthi kwaba khona lapho kuxega khona kwezokuphepha, wathi kodwa konke lokhu kuzohlala obala emuva kophenyo.