BEKUPHUME nesinedolo kuphelezelwa iNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, umzimba wayo ofike kuhwalala esigodlweni KwaKhangelamankengane.
Umzimba wendlovukazi, obusuka emakhazeni aseGoli, ufike uphelezelwa yizimoto ezingaphezu kuka-100.
Ufice izinkumbi zamabutho, izintombi, abezenkolo kanye namalungu omphakathi elinde ngaphandle kwesigodlo ukuzohlonipha okokugcina indlovukazi ezotshalwa phakathi nobusuku namhlanje.
Phambili beziholwa yibutho lomama, Isiphithiphithi, okuyibutho elasungulwa yiyo indlovukazi, kanye namalungu asendlunkulu.
Amalungu aleli butho abecula abuye ayibongele indlovukazi, ekhala nangokuthi afe olwembiza ngokukhothama kwayo.
Afunge agomela ukuthi azolimela igama lendlovukazi.
Kulindeleke ukuthi adlale indima ebalulekile nanamhlanje phakathi nobusuku amalungu aleli butho uma sekutshalwa indlovukazi.
Indlovukazi izotshalwa ngabakhethekile esigodlweni KwaKhangelamankengane, njengokwezifiso zayo.
Izintombi, izimbongi namabutho esilisa, nabo bebengazibekile phansi ngesikhathi kufika umzimba wendlovukazi.
Abezindaba abavunyelwanga ukungena ngaphakathi esigodlweni ngesikhathi kufika umzimba wendlovukazi.
Abebezohlonipha indlovukazi, bebekhala esifanayo.
Bancome amagalelo endlovukazi ekuvuseleleni amanye amasiko akwaZulu kanye nokudala ubuhlobo phakathi kwamaZulu namaSwati njengoba indlovukazi izalwa ebukhosini baseSwatini.
Umdidiyeli wamabutho akwaZulu, uMnuz Mlandeni "Mgilija" Nhleko, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokuguqa kwendlovukazi abesebethembele kuyo.
"Sibuhlungu kakhulu, sifana nezintandane. Kufike kwahamba uHlanga Lomhlabathi, inkosana yesizwe, kwathi singakapholi isilonda, kwahamba indlovukazi. Silimele impela.
"Indlovukazi sihambile nayo kabanzi. Ngo-2016 sasinayo eCape Town. Ngo-2017 sasinayo eWales. Sihambe nayo kakhulu indlovukazi esishiyile yingakho ngithi sibuhlungu," kubalisa uNhleko.
UNhleko uthe incane indima ezodlalwa ngamabutho ekutshalweni kwendlovukazi, wathi akuzukufana nasekutshalweni kweSilo.
Uthe ibutho lendlovukazi, Isiphithiphithi, yilona elizodlala indima enkulu.
UDkt Nomagugu Ngobese, weNomkhubulwane Cultural Group, uthe isizwe samaZulu sigubezelwe yifu elimnyama.
"Kufanele kube khona esikwenzayo ngalesi simo. Kufanele siyokhuleka entabeni, sicele uMvelinqangi asibheke," kusho uDkt Ngobese.
UDkt Ngobese uthe angeke bavume ukuthi ukuguqa kwendlovukazi, eyadlala iqhaza ekuvuselelweni koMkhosi woMhlanga, kushabalalise leli siko.
"Asesabi muntu kulo mhlaba. Angeke sivume ukuthi kube khona abantu abazogxambukela esikweni lethu," usho kanje.
Umzimba wendlovukazi emasangweni asesigodlweni ubulindwe nguNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, amazinyane esilo nabaNtwana.
UButhelezi ubonge amabutho ngokuhlangabeza umzimba wendlovukazi, wabonga nezinduna, uzulu wonke, abezindaba ngokwazisa abantu ngobekwenzeka kusukela kwehle ifu. UShenge uthe namuhla umzimba wendlovukazi uzoba sesigodlweni uqashwe ngabenkampani yabangcwabi abebewulandile, iNdabe, kuthi phakathi kwamabili kuya ezintatha bese iyatshalwa. Uphinde wabonga uhulumeni ngokuhlonipha indlovukazi ngomngcwabo osezingeni lesifundazwe.
“Ngibonga kini nonke Zulu, ngiyabonga egameni lendlunkulu, abantwaba benkosi, nanka amazinyane angikakile, ngibonga kini nonke ngamunye ngamunye umsebenzi eniwenzile. Siyaziqhenya ngomsebenzi eniwenzile ukuthi umkankosi, indlovukazi yethu niyiphelezele nisuka eGauteng nize nifike lapha,” kubonga uMntwana waKwaPhindangene.