KULOKOZA inhlansi yethemba nokubuya kozinzo kuMasipala waseMzumbe okhungethwe yizinkinga ngemuva kokuba ethembisa ukulungisa okuningi loyo oqokwe njengemenenja entsha khona, uMnuz Shaka Cele.
UCele umenyezelwe ngokusemthethweni kulesi sikhundla yiMeya yakulo masipala, uMnuz Bongani Nyuswa.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi kuningi okungekuhle okuke kwabikwa ngalo masipala nyakenye. Kuwona kuke kwaphela amasonto amabili kungasetshenzwa nje nhlobo.
Lokhu kwakubangelwa ukuthi amaqembu aphikisayo namalungu omphakathi ayekhononda kakhulu nokuqashwa kwesinye sezikhulu esasisolwa ngokuthi sisayine ithenda ka-R14 million sisanda kufika nje.
Kuze kwalamula iNkantolo eNkulu yaseThekwini nangesikhathi sekugudluzwe imeya kwase kukhethwa enye. Nokho inkantolo yawuchitha umhlangano okwakukhethwe kuwona imeya entsha yawuchaza njengobungagunyaziwe futhi ungekho emthethweni.
UCele ube nenkulumo ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto. Ukuba ngowokuzalwa khona eThaleni, eMzumbe, uthe yikhona okuzomenza akwazi ukuqonda kahle izinselelo zabantu bakule ndawo.
"Ngizazi kahle izingqinamba zabantu bakule ndawo. Lokho kuzongilekelela kakhulu ekutheni ngazi kahle ukuthi yini engibhekene nayo nokumele ngiyenze,'' usho kanjena.
Uthe okuseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda iyalungiswa kuphinde kulekelelwe nabantu abasha bakule ndawo ukuba bayithande imfundo.
"Ngaphandle kwalezi zinto zombili, iqiniso lithi ngeke size siye ndawo. Kumele sibe nengqalasizinda esesimweni esikahle. Kumele futhi ibekwe phambili indaba yemfundo kubantu abasha,'' kusho yena.
Uthe akathuki isisinga ekusebenzeleni umasipala njengoba ngaphambilini esebenzele eminye imikhandlu yomasipala abahlukene KwaZulu-Natal.
Uveze ukuthi isipiliyoni anaso sokusebenza komasipala yisona esizomsebenzela kakhulu ekutheni akwazi ukwenza izinto zenzeke.
UCele uke wasebenza kuMasipala wesiFunda iMajuba kweziphathelene namanzi, eyiWater Services Manager; wasebenza kuMasipala waseNewcatsle eyiSenior Technician Manager; waba nguMqondisi wakwaTechnical Services kuMasipala waseMlalazi; wasebenza njengebamba likaMqondisi wakwaTechnical Services kuMasipala wasoThukela; uke wasebenza nakuMasipala waseDannhauser.
UCele uneziqu zeBsc kwi-Hydrology azizuza eNyuvesi yaseZululand KwaDlangezwa, eMpangeni, neMBA yona ayizuza e-Unisa.
Imeya uNyuswa ithe kulokoza inhlansi yethemba ngemuva kokuba sebekhethe uCele kulesi sikhundla asichaze njengenhliziyo kamasipala.