KUBUKEKA abenhlangano iFair Independent Tobacco Association bengazophela moya mayelana nokuthi uhulumeni avumele ukudayiswa kukagwayi ngalesi sikhathi seCovid-19.
Izolo le nhlangano ifake amaphepha enkantolo enkulu yasePretoria idlulisa isinqumo senye inkantolo eyavuna uhulumeni kulokhu.
Bafuna ukuthi le nkantolo inqume ukuthi ukudayiswa kukagwayi akukho emthethweni. Bakholwa wukuthi nomphakathi uvumelana nabo kulempi futhi akhona amathuba okuthi enye inkantolo ibone ngenye indlela.
Ngesonto eledlule inkantolo enkulu ikhiphe isinqumo ebesilindwe ngabomvu, yavuna uhulumeni ngokuthi ithi unezizathu ezizwakalayo ekutheni avale ukudayiswa kukagwayi ngalesi sikhathi sokulwa necoronavirus..
Lesi sinqumo sakhishwa yiqembu lamajaji enkantolo enkulu ePretoria ngoJune.
Nenhlangano iBritish American Tobaccco South Africa ifake uhulumeni enkantolo ifuna kuvulwe ukudayiswa kukagwayi.
Kulindeleke ukuthi lesi sicelo silalelwe enkantolo enkulu yaseWestern ngo-Agasti.
Inkantolo yachitha le nhlangano ithi kumele uhulumeni avunyelwe ukwenza izaba emizamweni yokulwa nokubhebhetheka kwaleli gciwane.
Le nkantolo yathi ugwayi awusona isidingo, futhi ukuthi abantu abawubhemayo kuba nzima kubona ukuwuyeka, lokho akusho ukuthi uyisidingo empilweni yabo.
Ugwayi selokhu wavalwa ngoMashi ngesikhathi kuqala ukuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.