ITSHE limi ngothi ngesimo sama-ambulensi ezibhedlela ezisesifundeni iKing Cetshwayo ngemuva kwezivuvaba lapho iziguli zilinda amaviki ukufika kwama-ambulensi, ezinye zigcine zishona zingafinyeleli ekusizakaleni okufanele.
Imindeni ekwaziyo ukukhokhela ama-ambulensi ezinkampani ezizimele nokuqasha izimoto yiyo kuphela esindayo ngoba idlulisela izihlobo zayo kwezinye izikhungo zezempilo.
Ngokuthola kweSolezwe kusukela ngoJulayi ama-ambulensi ayashoda engxenyeni yalesi sifunda ehlanganisa iMelmoth, iKhombe naseNkandla. Isikhathi esiningi kawekho nhlobo.
Muva nje umndeni wakwaKhuzwayo, eMelmoth, uphoqeleke ukuthi ukhokhele i-ambulensi ezimele u-R9 000 ukuze uhambise isihlobo sawo, uMnuz Simphiwe Khuzwayo, esibhedlela eNgwelezane. UKhuzwayo ubedutshuliwe waphuthunyiswa esibhedlela KwaMagwaza, eMelmoth. Kuphele izinsuku ezimbili elindile kulesi sibhedlela kanti bekumele ahlolwe amehlo abopha nokuvuvukala ekhanda.
Udokotela wakhe wayembhukhele ukuthi aye esibhedlela iChief Albert Luthuli, eThekwini. Akakwazanga ukuya ngoba akafikanga ngesikhathi eNgwelezene wafika isimshiyile i-ambulensi.
Umthombo waleli phephandaba osehhovisi elilawula ama-ambulensi eNkandla, eMelmoth naseKhombe, uthe abanawo ama-ambulensi, wonke afile. Bathembela kwawakwezinye izindawo ezifana naseShowe naseMpangeni ukuthi abasize.
Uthe le ngxenye yesifunda inama-ambulensi angu-13 namabhasi ahambisa iziguli amahlanu. Wonke afile, ase-workshop. Kuwo kukhona aseduve izinsuku ezingaphezulu kuka-100 engalungisiwe.
“Ngenyanga edlule nje kuphela, iziguli ezevile ku-700 azikwazanga ukuya ezikhungweni zezempilo ebezidluliselwe kuzo ngesikhathi ebezidluliselwe ngaso ngenxa yale nkinga. Okubuhlungu ukuthi kulezi ziguli kubalwa izingane eziphukile, abadutshuliwe nezinye iziguli ezisuke zidinga izinsiza ezisuke zingekho ezikhungweni eziseduze kwazo. Ama-ambulensi kahulumeni abhekele ukusiza umphakathi ontulayo ongakwazi ukukhokhela ama-ambulensi azimele,” kuchaza umthombo.
Uthe izikhulu zoMnyango eziphethe iSifunda zabikelwa kodwa kuze kube manje azikaqhamuki nasisombululo.
“Inkinga esibhekene nayo ukuthi izikhulu ezikhipha igunya lokuthi i-ambulensi ikhandwe, noma ingakhandwa zishaya ngonyawo lonwabu uma kumele zithathe isinqumo. Kuyenzeka ukukhandwa kwe-ambulensi kuthathe izinsuku ezingu-200 ngalesi sikhathi nebikhona isuke isifile. Inkinga ayidalwa ukuthi isifunda asinayo imali, kumanje sinayo imali yokukhanda. Inkinga ngabantu abaqashiwe abadonsa izinyawo uma kumele bathathe isinqumo, ” usho kanje.
UMnuz Mlungisi Ndlovu wenyunyana yabasebenzi, iPublic Servants Association (PSA), uthe inkinga yokushoda kwama-ambulensi ibhekene nesifundazwe sonke kodwa okwase-King Cetshwayo sekungaphezu kwamandla.
“Sifisa ukuthi uMphathiswa wezeMpilo noNdunankulu bangenelele kulolu daba ngoba sekunesikhathi ludingidwa emazingeni aphansi, singaphumi isixazululo. Ekugcineni umphakathi ongaqondi ukuthi kwenzekani ulwa nabasebenzi bezempilo uzitshela ukuthi bayavilapha,” kusho yena.
UDkt Imran Keeka, obhekele ezempilo kwi-DA, uthe ukushoda kwama-ambulensi yinkinga yesifundazwe sonke.
“Sibhalele uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal (uNkk Nomagugu Simelane), sicela ukuthi asinike izibalo zama-ambulensi akulesi sifundazwe nokwabiwa kwawo. Ezindaweni zasemakhaya inkinga inkulu kakhulu kodwa naseThekwini iziguli zilinda i-ambulensi zize ziqashe azimele.
“Lokhu akwamukelekile. Siyazi ukuthi inqwaba yamabhasi ahambisa iziguli zisuka kwezinye izikhungo zezempilo ziya kwezinye, namanye ama-amabulensi aduve ema-workshop ayokhandwa ngoba asemadala. Amanye asehlale izinyanga eziyisithupha kulawo ma-workshop,” kusho uDkt Keeka.
UMnuz Ntokozo Maphisa okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu -Natal, uthe isiguli okuthiwa saziqashela i-ambulensi ezimele asikwazanga ukulinda imizuzu engu-15 , i-ambulensi yafika sesihambile.
Akabange esangena esimeni sokushoda kwama-ambulensi eKing Cetshwayo.